Yolanda Botha. Isithombe: Bongiwe Mchunu Yolanda Botha. Isithombe: Bongiwe Mchunu
ISISHOSHOVU se-ANC esake sasolwa ngokukhwabanisa nenkohlakalo eNorthern Cape uNkk Yolanda Botha, nesake saba sekomitini lePhalamende lezokuThuthukiswa koMphakathi, asisekho emhlabeni.
UNkk Botha ushonele eGariep Medi-Clinic eKimberley ngeSonto emuva kokugula isikhathi eside ephethwe wumdlavuza wesikhumba obusunabele ebuchosheni.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini izolo uthe uNkk Botha “ubengumsebenzi obezimisele kakhulu futhi impilo yakhe yonke uyibophezele ekutheni asebenzele abantu baseNingizimu Afrika.”
“Ubambe elikhulu iqhaza ekubumbeni umphakathi onakekelayo ngomsebenzi wakhe.
“Ukuqonda kwakhe okunzulu isimo sabantu abahlwempu nokuzibophezela ekutheni alwele ukulingana emphakathini nokuthi kuqedwe nya ubuphofu yizona zinto azokhunjulwa ngazo yilabo abebesebenza naye,” kusho uNkk Dlamini esitatimendeni.
UNgqongqoshe wezaMandla uNkk Tina Joemat-Pettersson uthumele amazwi enduduzo emndenini kaNkk Botha, kubangani nakozakwabo.
Umnyango uthe uNgqongqoshe usanda kuvakashela umndeni kaNkk Botha eKimberley.
“Ngokudlula kwakhe emhlabeni, i-ANC ilahlekelwe, sihlonipha iqhawe ebelinesibindi ebelisebenzela umphakathi, lasebenzela nenhlangano yalo ngakho konke ebelinakho,”kusho umnyango esitatimendeni.
UNkk Botha, umqondisi weTrifecta uMnuz Christo Scholtz, nabaholi abaphezulu be-African National Congress uMnuz John Block noMnuz Alvin Botes babhekene namacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokuhweba ngemali okungekho emthethweni okumayelana nezivumelwano zokuqasha izakhiwo zikahulumeni.
INational Prosecuting Authority (NPA) isola ukuthi izinkampani zeTrifecta zasayina izivumelwano neminyango kahulumeni eNorthern Cape lapho ukuqashwa kwezindawo kwakhokhelwa imali ephindaphindiwe.
Bonke abasolwa bayawaphika wonke amacala ababekwe wona noma izinkampani zabo.
NgoNovemba, iNkantolo eNkulu yaseNorthern Cape yafuna omunye umbono ngesimo sezempilo sikaNkk Botha emuva kokuthi udokotela wakhe uTheodorus Smallburger, atshela inkantolo ukuthi ugulela ukufa. – Sapa