Izindaba

Babanjiwe abeqa ejele ngoKhisimusi

SAPA+|Published

File photo: Timothy A. Clary File photo: Timothy A. Clary

SAPA

IZOLO uMnyango wezokuHlunye-leliswa kweziMilo e-Eastern Cape uthe iziboshwa ezingu-14 ezeqa ejele iFort Beaufort Correctional Centre ziphinde zabanjwa futhi.

NgokukaMnuz Nkosinathi Breakfast, onguKhomishana wezamaJele, ngoKhisimusi ekuseni iziboshwa zabesilisa ezingu-15 zaphuma ngophahla egunjini lasejele elihlala iziboshwa ezingu-22.

“Amadoda angu-15 eqe endlini yasejele okuze kwabonakala ngo-3.50 ngoKhisimusi. Abanye abayisikhombisa bona abeqanga,’’ kusho uBreakfast.

Abane babanjwe ngokukhulu ukushesha kwathi abathathu baboshwa ntambama ngalo lolo suku. Abanye balethwe abazali babo ngoMgqibelo.

“Obaba ababili, owase-Qanda eMiddledrift nowase-Balfour, babuyisele amadodana abo kithina bechaza nesimo abazithole sebekuso.”

UBreakfast uthe uMnyango wezamaPhoyisa uphezu kwamasu okuthola isiboshwa esisodwa esisasele uSive Mtunyelwa wase-Alice.

“UMtunyelwa kumele avele enkantolo ngoJanuwari 5, 2015 ngecala lokubamba inkunzi nelokudlwengula. Kumele azinikele ngokwakhe emaphoyiseni noma ejele eliseduze njengoba ezomphelela amahlathi okucasha,” kusho uBreakfast.

IFort Beaufort Correctional Centre ineziboshwa ezingu-296 iningi lazo elisalinde ukuthethwa kwamacala azo.