Izindaba

Generations: uVundla uthembisa ulozolo

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA noNOKUBONGWA PHENYANE

K USHINTSHE yonke into emdlalweni omusha i Generations: The Legacy ezoqala ngoMsombuluko (Disemba 1).

Ngisho ibika layo liqoshwe kabusha njengoba kulokhu sekuzosetshenziswa elenziwe nguJonas Gwangwa.

Lokhu kudalulwe wumsunguli womdlalo, uMfundi Vundla, ogcizelele ukuthi ababukeli nabathandi bomdlalo abalindele oseqophelweni eliphezulu.

Seziqalile izikhangiso ezibikezela ukuthi umdlalo uyabuya kuSABC 1.

“Esontweni lokuqala abantu abalindele into yamehlo njengoba zizothi zisuka nje kube nezinto ezizobaheha,” kusho uMfundi.

Uthe kuningi okushintshile emdlalweni njengoba sebemtholile nombhali omkhulu omusha uCollin Olifant ovale isikhala sikaBongi Ndaba naye owashiya.

“Sikhethe yena ngoba besivele sinaye nakwi Generations endala, usebe nathi iminyaka emithathu ebhala ngakho uyiqonda kahle indlela esisebenza ngayo. Ngijabule kakhulu ukuthi umdlalo ekugcineni usuyabuya futhi uyile nto abaningi abayilindele,” kuchaza uMfundi.

Echaza mayelana nokushintsha kwesihloko esesino-The Legacy uthe ukufaka leli gama kungenxa yokuthi kubuya izingane zakwaMoroka okuwumndeni owaqala ukuvela kulo mdlalo ngesikhathi uqala ngo-1994.

Uthe ukubuya kwazo ukuzoqhubeka nobuqhawe nomlando kababa wazo, uPaul Moroka.

Uthe umdlalo omusha uzobe uqhubezela okwakwenzeka emndenini wakwaMoroka, uqhubeke kokusha abazobe sebekufake manje.

I Generations iphele ngoSepthemba ngemuva kokuxoshwa kwabalingisi abawu-16.

Kumanje kukhona abasha abaqale ukuqopha ngoNovemba okukhona kubo uManaka Ranaka, Latoya Makhene noDenise Zimba.

Kwabadala abake baba khona uConnie Ferguson (Karabo Moroka) noRapulana Seiphemo (Tau Mogale).

Iphephandaba lesingisi eliphuma kanye ngesonto libike ukuthi uNoluvo Ntapu (Patricia) uyabuya emdlalweni. naye ukuqinisekisile lokhu.

Phambilini uMfundi Vundla wayethe kubalingisi abadala afisa ukusenzisana nabo wuMenzi Ngubane (Ngamla) waphinde wathi ukuthi angajabula ukuphinde asebenzisane noSeputla Sebogodi (Kenneth Mashaba). Esekhuluma ne Solezwe izolo uphindele emazwini akhe okuqala wathi akekho asafuna ukusebenzisana naye kwabaxoshiwe.

Isolezwe licele izithombe zabalingisi abasha kodwa uSandra Mhlongo womdlalo wathi abavumelekile ukuzikhipha manje. bazoze bazikhiphe ngosuku lwesiqephu sokuqala noma olulandela lolo.

Abalingisi abaningi akade bebonakala kwi Generations kumanje baqopha emdlalweni ozoqala ukukhonjiswa ngonyaka ozayo kuSABC 1 obizwa ngokuthi Uzalo.