UNKSZ Phindi Kema ongowokuqala wesifazane webala elimnyama eNingizimu Afrika ukufuya amahhashi omjaho uthi akuzange kumthene amandla ukugxekwa kwakhe ngokungena kule mboni UNKSZ Phindi Kema ongowokuqala wesifazane webala elimnyama eNingizimu Afrika ukufuya amahhashi omjaho uthi akuzange kumthene amandla ukugxekwa kwakhe ngokungena kule mboni
NONHLANHLA MKHABELA
ISINQUMO sokungena ebhizinisini lokufuya amahhashi omjaho sowesifazane omnyama ongowokuqala ukuba nalo eNingizimu Afrika, sagxekwa kakhulu.
UNksz Phindi Kema (43) waseKomga, e-Eastern Cape, ongumnikazi we-Africa Race International, uthe nakuba kwakumphoxa lokhu kodwa akuzange kumthene amandla.
“Abantu babengangigqugquzeli bekhuluma kabi ngesinqumo sami ngendlela eyayize yenze ngizwe sengathi bayangethuka kodwa lokhu kwakungenza ngicabange ukuthi kungenxa yokungazethembi kwabo okungaphakathi ekujuleni kwezinhliziyo zabo,” kusho uNksz Kema.
UNksz Kema, ozalwa ngabanikazi bepulazi lezingulube, uthe uqale ukucabanga ngokufuya amahhashi ngo-2006 ngesikhathi owayengumakhelwane wakhe, u-Ellwyn Phillips, emkhombisa ipulazi lakhe lamahhashi e-Addo, ePort Elizaneth.
“Ekuqaleni ngathathwa wukucabanga nje ngokuba ngumfuyi kodwa ngabe sengibona ukuthi lona ngumkhakha obaluleke kakhulu ongenisa imali,” usho kanje.
Uthe yize wayengazi lutho ngamahhashi ngenkathi ethenga ipulazi lakamakhelwane ngohlelo loMnyango wezoMhlaba kodwa akuzange kumethuse lokhu ngoba akakwenqeni ukufunda izinto ezintsha.
“Ukungazi yikhona okwangidoba , ngangicabanga ngezinto ezintsha eziningi engizozifunda ngifuna nokuzibona ukuthi ngingahamba ngize ngifikephi kulo mkhakha,” uchaze kanje.
Uthe kusukela eseyingane wayehlale enemibuzo ngayo yonke into eseduze kwakhe futhi enganeliswa yizimpendulo ezisheshayo, ehlale efuna okungaphezulu kwalokho akutshelwayo.
UNksz Kema, owafunda umatric eBlythswood, uneziqu zeB Juris azizuza enyuvesi yaseFort Hare. Uhlela ukuphindela esikoleni ukuyokwenza izifundo zezomnotho e-England.
Uthe isigameko esisanda kumehlela sokungaphumeleli ecaleni ayelifake eNkantolo eNkulu yaseKapa lapho wayephikisana nokuhlanganiswa kwezinkampani zamahhashi ezinkulu iKenilworth Horseracing neWestern Cape Racing yisona esimgqugquzele ukuthi afunde kabanzi.
“Kungigqugquzele ukuthi ngifunde kabanzi ngalolu hlangothi lwebhizinisi ukuze ngibone ukuthi yonke le mibuzo enginayo izophenduleka yini,” uchaze kanje.
Ngaphandle kwale ngqinamba asanda kubhekana nayo, uNksz Kema uthe enkulu kunazo zonke emsebenzini wakhe wukubekezelela indalo.
“Kumele ulinde ngoba okuningi okwenzayo kulawulwa yindalo. Wena okwazi ukukulawula yizinto ezifana nokuthi uzohlanganisa ziphi izinhlobo zamahhashi ukuze zizale luphi uhlobo lwehhashi njalo njalo,” kuchaza uNksz Kema.
Uthe okukhulu asekuthokozele ngokuba sebhizinisini lokufuya amahhashi wukuvakashela ipulazi leNdlovukazi yaseNgilandi eliseSandringham.
“Alilikhulu ngokweqile kodwa umlando walo ngicabanga ukuthi ulenza lihambe phambili emhlabeni wonke jikelele. Futhi-ke nemenenja yalo uJoe, uyabukeka impela futhi uyathandeka,” kuncokola uNksz Kema.
Uthe wethembisene nensizwa eyisilomo semidlalo yasemanzini angathandanga ukuyidalula igama.
“Nginamadodakazi asekhulile impela. Angabangani kakhulu kunokuba ngamadodakazi futhi angifundisa okuningi. Sikhuluma noma sithumelane imilayezo zonke izinsuku ngendlela esisondelene ngayo,” usho kanje.
Weluleke intsha ukuthi ifunde kabanzi ngalokho ekuthandayo futhi ingazibekeli imigomo eminingi ngekwazi ukukwenza ukuze iphumelele.