UNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura. Picture: Bongiwe Mchunu UNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura. Picture: Bongiwe Mchunu
IZOLO uMengameli Jacob Zuma uyichithile imibiko yabezindaba ebithi ucasulwe yisinqumo se-ANC eGauteng ngodaba lwama-e toll.
“INingizimu Afrika iyizwe elinenkululeko futhi ubuholi be-ANC eGauteng bunelungelo lokubeka imibono yalo neyamalungu aseGauteng ngokuthi uhulumeni wenzani, okubalwa nokungagculiseki ngohlelo lwama- etolls,’’ kusho uZuma.
UZuma ubephendula ngesinqumo esithathwe yingqungquthela ye-ANC eGauteng ebingempelasonto mayelana nodaba lwama-etolls.
“Ngeke sayicindezela i-ANC eGauteng ngemibono yayo ngalolu daba; kunalokho siyayamukela imibono yayo. UNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura ( osesithombeni), kudala aluxoxa nami lolu daba ngaphambi kokuthi kuqale ingqungquthela ye-ANC eGauteng,” kusho uZuma.
“Uhulumeni kazwelonke uzoxoxisana nabaseGauteng.’’
Izolo iphephandaba iThe Star licaphune umthombo okwi-ANC uthi uZuma uyishaye ngesithende ingqungquthela yeGauteng ngenxa yama-etolls esaba nokuthi angase ahhewulwe.
Ubuholi be-ANC eGauteng bamema uZuma ukuthi azokhuluma kule ngqungquthela ukuze kuzocaca ukuthi sekwadlula okwenzeka engqungqutheleni yaseMangaung ngo-2012. Kodwa uZuma akafikanga ukuzoyivula ingqungquthela waphinda wangafika nokuzoyivala.
Kunalokho uthumela uMnuz Cyril Ramaphosa, iphini lakhe, ukuthi ayoyivula ngoLwesihlanu njengoba ngeSonto ivalwe uNksz Jessie Duarte oyiphini likaNobhala-Jikelele ku-ANC.
Imithombo ithe ubuholi beGauteng bebukhathazekile ngokuthi ukungafiki kukaZuma kuzoqinisekisa ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwabo nobuholi bukazwelonke. – Sapa