MTHOKOZISI MANQELE
‘N GABE akaminzanga umzukulu wami ukube amanzi abekhona ekhaya, manje awekho ngenxa yesiteleka.”
Lawa ngamazwi awasho esosizini nasezinhlungwini uNkk Nora Gumede, okuminze umzukulu wakhe esizibeni esijulile saseMakhonyeni, eJozini.
USiphephelo Gumede (7) uminze kade yena nezinye izingane ezintathu eziphakathi kuka-7 no-14, beyokha amanzi esizibeni bethunywe wugogo wakwamakhelwane.
Bathunywe ukuyokha amanzi ngoba awekho endaweni njengoba kuteleke abasebenzi benkampani eqashwe nguMasipala uMkhanyakude ukuhlinzeka umphakathi ngamanzi.
Ugogo kaSiphephelo ubalise ngokuthi ukube amanzi abekhona endaweni ngabe umzukulu wakhe akayanga ukuyokha amanzi emfuleni.
Isidumbu sakhe sitakulwe ngamalungu omndeni ngemuva kokubikelwa ukuthi uphoseke esizibeni wagwiliza ethi ukha amanzi.
Amaphoyisa aseJozini avule icala ukuphenya ngokuminza kwengane.
Kuthiwa omunye oneminyaka eyisishiyagalolunye uzame ukumtakula naye wacishe waminza wasizwa ngoneminyaka engu-14.
Lesi siziba kuthiwa sijulile futhi siyingozi ezinganeni ngoba lena eshonile sekungeyesine. Kuthiwa sadaleka ngesikhathi kugujwa umgubane wokwakha umgwaqo namanje akekho owuvalayo lo mgodi.
UNkk Gumede uthe isigameko senzeke nabo besemngcwabeni, bashaqekile sebethola ucingo lubazisa ngokushona kwengane ngenxa yokuminza.
Uthe kuncane abangakuchaza ngoba yizingane zodwa ebezisemanzini nazo zithe uSiphephelo uminze ethi ukha amanzi maqede waphoseka phakathi.
Ukukhala kukaNkk Gumede kwenanelwe nayimeya yaseMkhanyakude uMnuz Jeff Vilane othe akangabazi ukuthi ukuyokha amanzi kwalezi zingane esizibeni kudalwe yisomiso samanzi emakhaya ngenxa yesiteleka esesidonse amasonto amabili sabasebenzi benkampani i-Water Solution Southern Africa (WSSA) eqashwe uMkhanyakude ukuba ihlinzeke umphakathi ngamanzi.
UVilane ekhuluma emsakazweni iMapuataland Radio, uthe bazozithwala zonke izindleko zomngcwabo kaSiphephelo ngoba okwenzekile kuthinta negama labo.
Ugxeke abasebenzi be-WSSA abasola ngokunqamula amapayipi amanzi nokukhumula ama-valve amaplanti maqede bawalahle.
“Bavuka ebusuku beyomba amapayipi bawanqamule, zonke izindawo zaseMkhanyakude azinamanzi, umphakathi ukwenkulu inkinga. Asibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi kodwa yilaba basebenzi asebecekele phansi yonke ingqalasizinda yamanzi,” kusho uVilane maqede waxolisa emphakathini wathembisa ukuletha amathange amanzi. Omele abasebenzi uMnuz Sthembiso Gumbi unqabile ukuphawula ngalezi zinsolo abasolwa ngazo wathi bazokhipha isitatimende namhlanje, wathi kabanandaba ngokushiwo ngabo.
Laba basebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-R3 500 njengoba kumanje bethi bahola u-R6 000.
Omunye wabasebenzi ocele kugodlwe igama lakhe, uthe bafuna ukuhola imali elinganayo neyabasebenzi bamanzi baseMkhanyakude, bafuna nokufakwa ngaphansi kukamasipala.
Isolezwe lithole ukuthi inkontilaki yokusebenzisana phakathi koMkhanyakude ne-WSSA iyaphela ngoDisemba futhi uMkhanyakude awusazimisele ukuyivuselela.
Okhulumela lo masipala uMnuz Mduduzi Dlamini, uthe sekukhishwe ithenda entsha ngenhloso yokunikeza ezinye izinkampani ukwenza lo msebenzi.
Okhulumela i-WSSA uMnuz Sbusiso Hlongwa ucele ukuthunyelelwa imibuzo nge-email ngesethembiso sokuyiphendula kodwa wangakwenza lokho kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Omunye wabasebenzi, uthe le nkampani ibathumelele izincwadi zesexwayiso sokuthi uma bengabuyeli emsebenzini zingakapheli izinsuku ezintathu bazoxoshwa kodwa wathi abayingeni leyo, isiteleka sabo esingekho emthethweni siyaqhubeka ngenhloso yokugoba uphondo umqashi oqinisa ikhanda ngezimfuno zabo.