Izindaba

Umcimbo wokuhlonipha osaziwayo

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA

BAJABULELE ukuhlonishwa ekhaya osaziwayo abaphuma KwaMashu abathole izindondo emcimbini wokuqala obizwa ngeKwaMashu Achievers Awards obungempelasonto.

Emcimbini wokuhlonipha abantu owasungulwa yinkakha yemidlalo yeshashalazi ephinde ibe ngumphathi weKhaya Multi Arts Centre (K Cap), u-Edmund Mhlongo, bekuchonywa uphaphe legwalagwala amaciko eminxa ehlukene – osopolitiki nosomabhizinisi abaphuma KwaMashu ababe nomthelela emphakathini ngandlela thize.

Phakathi kwabahlonishiwe kukhona abalingisi oThembi Mtshali-Jones, Melusi Yeni, Leleti Khumalo, Nomzamo Mbatha, Nonkululeko “DJ Le Soul” Mdlalose, Madala Kunene, Khanyo Maphumulo, Baleka Mbete, Jeff Radebe nabanye abaqhamuka kuleli lokishi.

UThembi Mtshali-Jones uthe akukho ukuhlonishwa okubaluleke njengokwalapho uphuma khona ngoba lokho kukhomba ukuthi umsebenzi wakho uyabonakala.

“Sengiklonyeliswe ezindaweni eziningi nasemazweni aphesheya kwezilwandle engingabala kuwona iScotland neTunisia kodwa kumnandi kakhulu kimina uma ngizohlonishwa ekhaya lapho ngakhulela khona. Lokhu kuyasikhumbuza nathi ukuthi noma singahamba sifikephi kodwa kumele sikhumbule lapho siphuma khona,” kusho uThembi.

Uthe okubalulekile manje wukuthi laba abaklonyelisiwe basebenze ngokwengeziwe ukufukula labo abeza ngemuva kwabo ukuze bangedluli ebunzimeni abadlule kubona bona.

Omunye wabaklonyelisiwe uDJ Le Soul uthe ujatshuliswa wukuthi umsebenzi wakhe uyabonakala okuchaza ukuthi akabaphoxanga abantu abamfukulile engena embonini yokuba wuDJ.

“Ngiqale eVibe FM ekhona lapha eK Cap, bekuthi noma ngidinga izinsiza kusebenza ubaba u-Edmund angivumele ngisebenzise izinsiza zabo. Ngizama njalo ukusebenzisa wonke amathuba avelayo ukusiza umphakathi nganoma iyiphi indlela. kuyimanje ngingomunye wabanikazi bendawo yokuzivocavoca iVipaji ekwaK ngoba ngiyakukhuthaza kakhulu ukunakekela impilo kubantu abasha,” usho kanje.

UMhlongo uthe isizathu sokusungula umcimbi wukusondeza abantu abaphakamise igama laKwaMashu entsheni yakhona.

“Kukhona abantu abaphumelele ezimbonini abakuzona ezehlukene kodwa othola ukuthi abantu baKwaMashu abazi ukuthi baphuma khona. Ngalo mcimbi sizosebenzisa impumelelo yabo ukugqugquzela intsha yethu,” usho kanje.

Uthe baqale ngokuhlonipha abantu abambalwa kodwa ngoba kuzoba yimiklomelo yaminyaka yonke sisazokwanda isibalo sabazohlonishwa.

“Baningi abantu abaphumelele baphakamisa igama laKwaMashu ngendlela enhle okufaka nabanye abangasekho.

Sizokwethembela kakhulu nasemphakathini ukuthi usikhethise abantu abenza umsebenzi ophakamisa indawo,” kuchaza u-Edmund.

Uthe bazoba nebhodi labantu abazokhetha abazoklonyeliswa okuzoxhunyanwa nalo uma kukhona abafisa ukuphakamisa amagama.