Izindaba

Amaciko azohlomula ngolwazi

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA

A MACIKO aseNanda, Ntuzuma naKwaMashu (INK) azohlomula ngolwazi lokuzithuthukisa ezingqungqutheleni ezizoba yingxenye ye-INK Arts Festival ezoqala ngo-Agasti 26 iphothulwe ngo-Agasti 30.

Kulezi zingqungquthela kuzobe kufundisa abantu abaphuma ezinhlakeni zobuciko okubalwa kuzona iPerforming Arts Network of South Africa, Durban Film Office, Siwela Sonke Dance Theatre, Twist Theatre Projects, Durban Art Gallery, KZNSA Arts Gallery, The Green Camp nabanye behlomisa amaciko ngokuthi angazithuthukisa kanjani.

Wunyaka wesithathu umcimbi, owasungulwa nguNelisa Mzimela weNelisa Mzimela Legacy Foundation (NMLF).

UNelisa usanda kuhlabana ngendondo emiklomelweni yenhlangano yentsha Umvithi Youth Development.

UNelisa ugqugquzele amaciko asafufusa ukuba eze kule ndumezulu yomcimbi ngoba kuningi azokufunda okuzowakhulisa emsebenzini wawo.

“Sizama ngayo yonke indlela ukukhipha ulwazi olubalulekile oludingwa ngamaciko. Emcimbini bazohlangana nabantu asebemnkantshubomvu kuleyo mikhakha abakuyona abazobacobelela ngolwazi abaludingayo,” kusho uNelisa.

Uthe okunye okusemqoka wukuthi amaciko anikwa ithuba lokukhangisa ngemisebenzi yawo mahhala.

Le festivali izoqala ngezingqugquthela ezizoba yizinsuku ezimbili e-INK Creative Centre.

Kunezihlalo ezibaliwe kulezi zingqungquthela. ukubekisa isihlalo amaciko angathumela i-email [email protected] noma ashayele u-060 439 3518.

Ngo-Agasti 28 kuzoba nomcimbi wokuvula ngokusemthethweni lapho kuzodlala uSimthandile “Ebonygypsy” Mtolo, Zulublue, The Mighty Tweens, iqembu lowokholo iFifty 50 Family neqembu labadansi i-African Champions.

Uhlelo luzobe luphethwe nguTha Simelane noMpumy Ndlovu.

Ngawo umcimbi wokuvula kuzoklonyeliswa imbongi uNkanyiso Ferreoro Le Poet ngendondo ye-INK Artist of the Year okhethwe ngumphakathi emncintiswaneni obukhona wokukhetha iciko elivelele emphakathini.

Indikimba yomcimbi wanonyaka ngeyokugubha iminyaka ewu-20 yenkululeko kuleli kanti ukuqalela amaciko indlela, kuzoboniswa ifilimu ekhombisa ukuthi amaciko akuleli ayibona kanjani inkululeko esihloko sithi Shield And Spear esanda kukhonjiswa kuDurban International Film Festival.

Kuzoba khona nemidlalo yeshashalazi i Farm Workers eqondiswe nguLucky Cele ne The Girls eqondiswe nguRoel Twijnstra ezokhonjiswa ehholo lomphakathi laseNtuzuma A.

Umcimbi uzovalwa ngombukiso wemfashini nalapho kuzobe kudlala oDJ nabaculi abehlukene bendawo.