Izindaba

Akakaze awuswele umsebenzi uMasemola

NONHLANHLA MKHABELA|Published

U-WARREN Masemola osemdlalweni omusha iSaints and Sinners uthi ujabulela ukuqhakambisa ulimi lwangakubo eSoshanguve kulo mdlalo. Isithombe: SITHUNYELWE U-WARREN Masemola osemdlalweni omusha iSaints and Sinners uthi ujabulela ukuqhakambisa ulimi lwangakubo eSoshanguve kulo mdlalo. Isithombe: SITHUNYELWE

NONHLANHLA MKHABELA

U MLINGISI wasePitoli ozakhele ugazi kubabukeli ngendawo yesitabane kaThoko Chanel, ayilingisa emdlalweni wamahlaya ku-SABC 1 i SesTop La, uthi wayengakujabulela ukungena embonini yezemidlalo kodwa wabona indlela umsebenzi osheshe uphele ngayo wayiyeka.

UWarren Masemola (31) waseSoshanguve, ePitoli uthe uyazifela ngebhola lomphebezo nokushova amabhayisikili futhi uke ayingenele imincintiswano kule midlalo.

“Ngilithanda ngendlela eyisimanga ibhola lomphebezo futhi ngiye ngingenele imincintiswano efana neKIA Amateur Open ngiyazifela futhi ngamabhayisikili. Ngonyaka odlule bengingenele umjaho wamaShova futhi nakulo nyaka ngiyaphindela,” kusho uWarren.

Uthe isizathu esenza angakucabangi nokukucabanga ukungena kwezemidlalo wukuthi wabona ukuthi amathuba omsebenzi ayashesha ukuphela.

“Kwezemidlalo usebenza mhlawumbe iminyaka eyishumi noma ngaphezudlwana emuva kwalokho unikezwe leyo mali engatheni uma unenhlanhla uhambe uyoba ngumhlaziyi noma umemezele ezemidlalo, noma-ke ugcine usuyosebenza emafemini ungenalutho impilo ibe nzima,” kusho uWarren.

Uthe wathatha isinqumo sokuthi uzongena embonini yezobumnandi ngenkathi enza u-matric ngo-2001.

“Ngo-2002 ngaya eGoli lapho ngangibona ukuthi ngizoba namathuba angcono okufeza leli phupho lami. Ngangingenaso isiqiniseko sokuthi ngizokwenzani ngaqala ngokwenza izifundo zomdanso esikoleni iMoving Into Dance kodwa ngangawuthanda neze umdanso ngawushiya. Ngilandelise ngezifundo zokulingisa eMarket Theatre nalapho ngazizwa ngisekhaya,” kulandisa uWarren.

Uthe uphothule izifundo zakhe ngo-2004 wabe esesebenza emidlalweni yeshashalazi iminyaka emine ngaphambi kokuthola umsebenzi wakhe wokuqala kuthelevishini eyolingisa uLentswe Mokethi emdlalweni waku-e.tv i Scandal.

“Kwakwethusa ukusebenza kuthelevishini ekuqaleni ngihlale ngicabanga ngala makhamera amakhulu amathathu asestudiyo aqopha yonke into engiyenzayo kodwa ngajwayela ngosizo lozakwethu,” usho kanje.

Eminye imidlalo yethelevishini aseka waba kuyona uWarren yi- Intersexions, Single Galz, Single Guys, Boomba & TT, The Philanthropist, Isidingo nomdlalo omusha weMzansi Magic i Saints & Sinners lapho elingisa indawo kaMpho.

“Engikujabulele kakhulu ngokuba ku Saints & Sinners wukuthola ithuba lokuqhakambisa ulimi lwasekhaya esilubiza isiPitoli phakathi emdlalweni okukhulunywa kakhulu isiZulu kuwona, ngiyaziqhenya ngalokho. ISoshanguve yindawo ehlanganise abeSuthu, amaShangane, abaNguni namaVenda ngakho ulimi lwethu luxube zonke lezi zilimi,” kusho uWarren.

Uthe ayikho indawo ajabulele ukuyidlala ngaphezu kwenye kodwa ujabulela ukuthi selokhu aqala ukusebenza akaze awuswele umsebenzi.

“Kule mboni yethu kubuye kube nzima kube nezikhathi lapho umsebenzi ungabonwa kodwa mina ngiqashwa njalo. Ngikholwa wukuthi lokho kwenziwa wukuthi ngikukhonzile ukuya ezindaweni ezintsha ngihlale nabantu abahlukene ngakho uma nginikwa indawo uthola ukuthi umuntu okuthiwa angidlale indawo yakhe sengike ngahlangana naye phambilini ngiyamazi,” usho kanje.

Ngaphandle kwemidlalo yethelevishini useke waba nasemafilimini i Nothing For Mahala ne Number Number esanda kukhonjiswa ema-cinema.

Abalingisi athe ubukela kubona nguSamuel L Jackson nezelamani zakwaWayans.

“USamuel ngimthanda ngoba uhlale ezimisele ngokukhula njalo, abakwaWayans bona ngibathanda ngoba basebenzisana kahle, akekho ofuna ukugqama yedwa kunakwe yena kodwa bayimbumba,” uchaze kanje.

Uthe kuwona wonke umsebenzi wakhe ujabulele kakhulu ukusebenza nomqondisi uRolie Nikiwe we- Intersexions, Nothing For Mahala neminye imidlalo namafilimu.

“Unothando oluyisimanga lomsebenzi wakhe futhi okubalulekile kuyena wukuxoxa ngempilo yabantu baseMzansi hhayi ukuzakhela udumo. Ngiyayiqonda indlela asebenza ngayo naye futhi uyangiqonda nokwenza kube lula ukuthi sisebenzisane kahle,” usho kanje.

Uthe useqale umsebenzi wokudidiyela uhlelo lwakhe angeke aludalula okwamanje oluzobonakala kuthelevishini maduze.

Uma engekho emsebenzini uWarren uthe uzichithela isikhathi ehamba amabanga amade ukuze azigcine ewumqemane noma adlale ibhola lomphebezo noma amabhayisikili.

Akathandanga ukungena kwezothando uthi akathandi ukukhuluma ngempilo yangasese kwabezindaba kodwa akuvezile wukuthi akanayo ingane.