Izindaba

Uthwale kanzima uRamaphosa

SAPA+|Published

11/08/2014. Deputy President Cyril Ramaphosa during the Farlam Commission of Enquiry in Centurion, Pretoria. Picture: Oupa Mokoena 11/08/2014. Deputy President Cyril Ramaphosa during the Farlam Commission of Enquiry in Centurion, Pretoria. Picture: Oupa Mokoena

SAPA

L ABO abebebhikisha bephazamisa iPhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula ubufakazi kwiKhomishini kaFarlam ephenya ngesigameko saseMarikana bazokhishelwa ngaphandle uma lokhu kuqhubeka. Lesi sixwayiso sikhishwe iJaji u-Ian Farlam izolo emuva kokuba iqeqebana limhhahhamezile ethula ubufakazi.

IJaji liphoqelekile ukuba lingenelele lixwayisa abenza lokhu. Kudingeke ukuba abaqaphi baphuthume kulabo abebephazamisa uRamaphosa kwamiswa kancane ukuqhubeka kwekhomishini ngesikhathi kusalungiswa isimo.

Leli qulu belibanga umsindo lishaya namatafula lithi: “URamaphosa akasule esikhundleni futhi unegazi ezandleni zakhe.” Emuva kwesikhathi ummeli u-Adv Dali Mpofu ubehlise imimoya abebebhikisha.

IJaji uFarlam lithe uRamaphosa uzoqhubeka nokufakaza namuhla.

URamaphosa ucelwe ukuba atshele ikhomishini ukuthi kungani inyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union yayingekho emhlanganweni ayenawo neNum.

“Kungani wahlangana neNational Union of Mineworkers? Anginalwazi lokuthi wake wazama ukuthola i-Amcu. Kungani ungabuzanga,” kusho ummeli u-Adv Dumisa Ntsebeza omele abasebenzi basemayini ababulawa.

UNtsebenza ubephonsa imibuzo uRamaphosa ngesigameko sango-Agasti 2012.

URamaphosa owayenguNobhala wenyunyana iNum uthe wayengenazo izinombolo zabantu axhumana nabo kwinyunyana i-Amcu.

“Ngangikhuluma noMnuz Senzeni Zokwana (owayenguMengameli weNum, Frans Baleni onguNobhala noJames Motlatsi ongumsunguli weNum) ngoba ngiyabazi futhi sengike ngasebenza nabo.”

“Angikwazanga ukuxhumana nabaholi be-Amcu ngoba angibazi angikaze ngisebenze nabo,” kusho uRamaphosa.

“Kodwa njengomuntu ongumxazululi kwakubalulekile ukuthi uyifake i-Amcu ukuthi wawungenayo inamba kaMnuz Joseph Mathunjwa akusona isizathu,” kusho uNtsebeza.

URamaphosa uthe i-Amcu yayiphika ukuthi yayithinteka esimweni esasiqhubeka ezimayini ngaleso sikhathi.

“I-Amcu yayiziqhelelanisa futhi nesikhulu esiphezulu saseLonmin sasigula sasingekho ngaleso sikhathi ukuthi sizoxazulula izinkinga,” kusho uRamaphosa. Uthe neziphathimandla zaseLonmin zazinomthwalo wokuhlanganisa izinyunyana.