NONHLANHLA MKHABELA
B EKUYINJABULO yodwa kubenzi bamafilimu abasafufusa ngenkathi beklonyeliswa kumaSimon Mabhunu Sabela Awards abese-ICC, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Kule miklomelo kuklonyeliswe izisebenzi zemboni yamafilimu ezihlukene kusukela kubabhali, abaqondisi, abalingisi nabanye.
UMzwandile Ndaba (25), umqondisi wamafilimu osafufusa waKwaMashu, uthole umklomelo weBest Director eqoqweni lamaNew Entrants ngefilimu ekhuluma ngokucwaswa kwabantu ngokobuzwe i Nowhere To Run.
Uthe ukuwina le ndondo kusho ukuqala kwendlela yakhe ebheke empumelelweni embonini yamafilimu.
“Ngijabule kakhulu ukuwina lo mklomelo, ngizowuthatha njengesiqalo sokuhle kodwa okuzolandela endleleni yami embonini yamafilimu. Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuzakhela igama kule mboni,” kusho uMzwandile.
UMlamuli Khoza (24) waseNanda othole umklomelo weDirector of Photography eqoqweni elifanayo ngefilimu Izwi Likababa, uthe kusho lukhulu kuyena ukuthi athi eqala ukuqokwa, ayiwine indondo.
“Kunginika ugqozi olukhulu ukuwina le ndondo, le filimu siyenze ngemali encane sinozakwethu kodwa sakwazi ukuyihlanganisa yaba sezingeni namajaji abona kufanele ukuthi sithole indondo ngayo. Lokhu kimina kusho ukuthi akukhathalekile ukuthi uphumaphi nokuthi unemali engakanani kodwa okubalulekile wukusebenza ngokuzimisela ukuze uphumelele,” kusho uMlamuli.
Amajaji emiklomelo bekungusihlalo weKZN Film Commission uWelcome Msomi, Leleti Khumalo, Mbongeni Ngema, Cynthia Shange nomdidiyeli wamafilimu wase-USA uSean Daniels.
Abanye abakhale bemuka nezindondo kuma-New Entrants nguLungelo Ngcobo, Ndaba Ngwane noGrant Thomson.
Kuma-Heroes and Legends kuwine uZamokwakhe Ngcobo, Solwazi Keyan Tomaselli, Tonie Van Der Merwe noSandra Herrington.
Izinkakha uJoe Mafela, Ruth Cele, Mandla Thabethe, Lawrencia Mthembu, Bheki Mkhwane zihlonishwe ngeMEC’s Special Award, uLouis Gosset wahlonishwa ngeChairman’s Special Award
Imiklomelo eyenziwa yiKZN Film Commission ixhaswe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, nezokuVakasha KwaZulu-Natal.
Umcimbi ubuphethwe ngumlingisi uBonnie Henna nosomahlaya uNick Rabinowitz.
Phakathi kosaziwayo abebethula izindondo bekukhona uZikhona Sodlaka, Lungile Radu, Marc Lottering, David Kau, Jack Devnarain, Gavin Hood, Ndaba Ngwane noClint Brink.
UZonke Dikana, Ringo Madlingozi, Danny K, Somizi Dancers, Clermont Community Choir, Ntokozo noNqubeko Mbatha bashaye abadume ngakho esteji.
Kuqaphelekile ukuthi umcimbi udonse isikhathi eside ezinye izihambeli zaze zanquma ukuwushiya phakathi nabanye kwabebeqokiwe banele bathola izindondo zabo bawushiya umcimbi.
Kuqalwe ngokhaphethi wezicukuthwane ngo-6.30 ntambama odonse kwaze kwashaya u-8 ebusuku izicukuthwane zingena kancane kancane.
Kulandelwe ngesidlo sasebusuku ngaphambi kokuba kuqale umcimbi nokuyinto ekhonondise abaningi abebebuza ukuthi kungani kungaqalwanga ngemiklomelo okuziwe ngayo kwagcinwa ngokudla.