NONHLANHLA MKHABELA
AMABHUNGU amabili amele iTheku emncintiswaneni iSprite Uncontainable Challenge athi ukuwina kulo mncintiswano kungasho lukhulu kuwona ekuqhakambiseni leli dolobha emkhakheni we-hip hop.
Umrepha u-Andelwa Ngubane (25) waseCaversham Glen, ePinetown, nomdansi uMlondi Ndlovu (24) waseNanda yibona kuphela abamele iTheku kwabasele abangu-12 kulo mncintiswano okuthungathwa kuwo ithalente kuzwelonke.
U-Andelwa othe uyaqala ukungenela umncintiswano njengoba engene emculweni ngonyaka odlule uthe kungasho lukhulu kuyena ukuwina ngoba kungakhombisa ukuthi neKwaZulu-Natal iyakhula ku-hip hop.
“Kusho lukhulu ukuthi ngiqala nje ukungenela umncintiswano ngihambe ngize ngifike kowamanqamu. Ngingumuntu okwazisayo ukusebenza kanzima futhi ukuzikhandla kwami sekuyabonakala,” kusho u-Andelwa.
Uthe uneziqu zeMarketing azithole e-IMM ngonyaka odlule futhi ubenza umsebenzi kule mboni kodwa wanquma ukungena emculweni we-hip hop athi ukhule ewuthanda.
U-Andelwa usanda kukhipha i-mixtape kuSoundCloud ayiqambe nge The Good Intentions Tape enezingoma ezingu-15.
Uthe ufisa ukubona umculo, umdanso nemfashini ye-hip hop kukhula eKZN, singasekho isidingo sokuthi uma ufuna ukuphumelela kulo mkhakha uye eGoli.
Uzakwabo uMlondi osanda kubuya ohambweni lwaseNew York lapho ayehambele khona umcimbi omkhulu womdanso iWorld of Dance Tour uthe ufuna ukusebenzisa ulwazi aluqoqile ukunqoba lo mncintiswano.
Yena neqembu lakhe iSurvivors bawine umncintiswano iShield Do Dance bavakashela eNew York ngenyanga edlule.
“Kunezitayela ezintsha esibuye nazo engizofike ngibashaye ngazo. Ngizimisele nokuthola kabanzi ngabantu engizobe ngiqhudelana nabo ukuze ngazi kahle ukuthi ngibhekene nani,” usho kanje.
Umncintiswano wehlukaniswe ngamaqoqo amahlanu; i-Emcee, Dance, Graffiti, B’ballers nelabalandeli.
Amaqoqo anabantu abane abazoqhudelana kowamanqamu ozoba seZone 6, eDiepkloof, eSoweto ngo-Agasti 2.
Umphakathi unethuba lokuvotela abantu obathandayo emaqoqweni amathathu amakhulu okuyi-Emcee, Dance neGrafitti ngokungena ku-website ethi www.spritehiphop.co.za.
Ukuvota kuqale ngoJulayi 16, kuzovalwa ngo-Agasti 2 ngo-8 ebusuku.
Abawinile bazoya eNew York ngonyaka ozayo lapho bazothola ithuba lokuhlangana nezinkakha ze-hip hop.
Abafisa ukuhambela umcimbi wamanqamu bangathola amathikithi okungena eComputicket ngo-R100.