Izindaba

Umcimbi uzoqhakambisa iqhaza kwezamafilimu

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA

K UZOGQUGQUZELWA ukuthuthukiswa kwemboni yamafilimu ngokudlulisela phambili amava emcimbini wemiklomelo emisha ebizwa ngamaSimon Mabhunu Sabela Awards ozoba se-ICC, eThekwini, ngoMgqibelo.

Emcimbini ongowesibili kulo nyaka kuzobe kuklonyeliswa ababhali, abaqondisi nabadidiyeli bamafilimu, abalingisi nabanye abenza imisebenzi yobuchwepheshe efana nokuqopha.

Isiqubulo semiklomelo yakulo nyaka sithi “Passing the Baton and Keeping the Fire Burning”.

Mathathu amaqoqo okuzobe kuklonyeliswa ngaphansi kwawo; iHeroes and Legends, Professionals neNew Entrants.

Omunye wabaqokwe eqoqweni lamaProfessionals uMadoda Ncayiyana weVuleka Productions, uthe imiklomelo yalolu hlobo ibalulekile KwaZulu-Natal ngoba ikhombisa ukuthi nalesi sifundazwe siyakhula embonini yamafilimu.

“Kuyakhuthaza ukuklonyeliswa kwabantu abakule mboni eKZN ngoba ibilokhu isalele emuva isikhathi eside. Ukuqokwa kwami emiklomelweni kunyangithokozisa ngoba kwenza ngingazisoli ngesinqumo sami sokuqhubeka nokuhlala eKZN yize bekungahambi kahle emafilimini, angizange ngibaleke ngiye koGoli,” usho kanje.

UXolani Cele ongumhleli wama-video ku-e.tv naye oqokelwe kwelamaProfessionals uthe kusho lukhulu ukuqokwa eqoqweni elilodwa nabantu abahlonishwayo emafilimini.

“Kungishayisa ngovalo kodwa futhi kuyangijabulisa ngoba kusho ukuthi nami umsebenzi wami usezingeni. Ngingakujabulela kakhulu ukuwina ngoba selokhu ngagcina ukuwina indondo ngisewumfundi ngokwenza i-documentary i Cart Riders ngaklonyeliswa ngendondo yeBest Student ekilasini,” kusho uXolani.

Emcimbini kuzobe kukhona osaziwayo ukuzokwethula izindondo okubalwa kubona uZikhona Sodlaka we Generations, usomahlaya uDavid Kau, umqondisi we Tsotsi uGavin Hood, Jack Devnarain we Sidingo, Clint Brink we Scandal, Lungile Radu wodumo lwe Rhythm City, Ndabe Ngwabe ongumqondisi wamafilimu nosomahlaya uMarc Lottering.

Kuzonandisa uZonke Dikana, Ringo Madlingozi, Danny K, Nqubeko noNtokozo Mbatha, Clermont Community Choir, Somizi Dancers neqembu lomdanso iTribanghi.

Umcimbi ozoqala ngo-8 ebusuku uzoqondiswa ngumqondisi uJosh Lindberg umdanso uhlanganiswe nguSomizi Mhlongo.

Abethuli bohlelo kuzoba nguBonnie Henna noNick Rabinowitz.

Uhlu lwabaqokiwe lumi kanje:

HEROES AND LEGENDS: Zamokwakhe Ngcobo, Solwazi Keyan Tomaselli, Tonie Van der Merwe noSandra Herrington.

PROFESSIONALS: Zuko Nondaba ( Single Gals, Intersexions2), Ryley Grunenwald ( The Dawn of a New Day), Nolwazi Shange ( Otelo Burning, Intersexions 2, Nothing for Mahala, A Place Called Home), Vusi Mthembu (Impucuzeko Film Productions), Mayuri Naidu ( Muvhango, Soul City, Snake Park), Edmund Mhlongo ( Still My Home, KZN Community Film Festival), Thabani Mthembu ( Iphupho “The Dream”, Between Friends, Impucuzeko film Productions CEO), Sharon Karoka ( Iphupho “The Dream”, Between Friends, Impucuzeko film Productions), Noxy Mavundla ( The Zulu Maiden, Zulu Coast Film Office), Xolani Cele ( Cart Riders), Elle Matthews ( Oil On Water, Tidalwave Productions) noMadoda Ncayiyana ( Izulu Lami “My Secret Sky”, Vuleka Productions).

NEW ENTRANTS: Mlamuli Khoza ( Imfihlo, Izwi Lika Baba), Lungelo Ngcobo ( Zabalaza, Intersexions 2, Room 9, Between Friends), Constance Zulu ( Colour Me, Poverty, Inxuluma Lansondo) Thamsanqa Mthiyane ( Mtanami, Kwamabanga African Century Television), Siphamandla Ngcobo ( Zwelihle, Zero Three One Films), Ndaba Ka ( Rhythm City, When we were Black, Kowethu, Mbalemnyama, Uhlanga “The Mark”), Lance Lutge ( Rite Studios, Emerald Cup, North East Cooking), Dumisani Khoza ( Imfihlo “My Secrets”, My Chance), Andile ( The Puzzle, Ethekwini Film Makers Association), Mzwandile Ndaba ( No Where To Run), Philani Khowa.