UTONY Kgoroge olingisa indawo ephambili kaSizwe Miya oyiphoyisa efilimini iCold Harbour ezokhonjiswa kuDIFF ingene nasemabhayiskobho kule nyanga. Isithombe: Suzanne Plunkett UTONY Kgoroge olingisa indawo ephambili kaSizwe Miya oyiphoyisa efilimini iCold Harbour ezokhonjiswa kuDIFF ingene nasemabhayiskobho kule nyanga. Isithombe: Suzanne Plunkett
NONHLANHLA MKHABELA
UBUGEBENGU obuhleliwe, ubungani, ukulambela impumelelo nenselelo yokuthatha izinqumo ezilungile yikhona okuqukethwe yifilimu entsha yabalingisi abaqavile bakuleli uTony Kgoroge noFana Mokoena ezokhonjiswa kuDurban International Film Festival ngoJulayi 19 bese ingena emabhayiskobho ngoJulayi 25.
Ifilimu i Cold Harbour ikhuluma ngephoyisa uSizwe Miya, elilingiswa nguTony, elizama ukuzikhombisa ukuthi lingakwazi ukumelana nomsebenzi walo onzima ngokuxazulula icala elikhulu lokutholakala kwesidumbu sendoda yaseChina sicwiyiwe olwandle.
Emuva kokuvela ukuthi ukubulawa kwendoda kuhlobene nokushushumbiswa kwenwenwe (abalone), uSizwe ucela izeluleko kumngani wakhe omdala osengumgulukudu, uSpecialist (Fana) nokuyilapho eqala khona ukungena enkohlakalweni enkulu kodwa engazelele.
UTony uthe yindawo yakhe yokuqala ephambili efilimini alingisa kuyo ukuba yiqhawe nayekade efisa ukuyidlala.
“Le ndawo yehluke kakhulu, ngikholwa wukuthi kuyiphupho lawo wonke umlingisi ukudlala indawo yokuba yiqhawe efilimini yobugebengu. nami ngineminyaka ngifisa ukudlala indawo enjena,” kusho uTony.
UTony, ojwayele ukulingisa emafilimini aphathelene nepolitiki, useke wadlala emafilimini okubalwa kuwona akhuluma ngoMandela, i- Invictus ne Long Walk To Freedom, The First Grader, Skin, Hotel Rwanda namanye.
UFana echaza ngendawo ayilingisayo uthe: “Kunzima ukumfunda uSpecialist. ekuqaleni akabonakali ukuthi ungumuntu ongalungile. Uvela engumuntu nje owejwayelekile ofisa ukuphumelela empilweni,” kuchaza uFana.
Uthe umbona njengesishoshovu somzabalazo mhlawumbe esasikuMkhonto weSizwe okungasihambelanga kahle ngemuva komzabalazo sabe sesingena ebugebengwini njengendlela yokuziphindiselela ngokunganakwa kade sisebenzela izwe.
I Cold Harbour ibhalwe nguCarey McKenzie yadidiyelwa nguThandeka Matau wenkampani i-10 Ten Films kanti izosatshalaliswa yi-United International Pictures.
UCarey uthe ifilimu wayibhala esazi ukuthi ufisa indawo ephambili idlalwe nguTony.
Abanye abalingisi abasefilimini nguYu Nan wodumo lwe- Expandables II odlala uMei, Thomas Gumede onguLegama, Deon Lotz onguVenske noZolani Mahola weFreshly Ground olingisa uCamilla.