Izindaba

Abalizwanga izulu ebumnandini

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA

A yibadikibalisanga imvula abathandi bobumnandi abebehambele umcimbi wokuvala iVodacom Durban July obuhlanganiswe yi-Afrotainment neMetro FM, iFact Durban Rocks, obusePeople’s Park, eMoses Mabhida izolo ebusuku.

Izulu elivele laqala ukuna phakathi nomcimbi alizange liziphazamise izihambeli ezivele zaqhubeka nokuzidansela zicula sengathi akwenzekanga lutho.

Omrepha, oDJ nabaculi bodumo babagcine bejabulile abantu abebesemcimbini ngoba kuze kwalamula ukusa kusagcwele phama endaweni obekudlalelwa kuyona.

Phakathi kwabaculi abebeshiyelana inkundla bekukhona uNaima Kay, Khuli Chana, AKA, Da LES, Casper Nyovest, Zakwe, Duncan, L’vovo Derrango, Joocy no-iFani. koDJ bekukhona uBlack Coffee, Sphectacular, Naves nabanye.

Lo mcimbi ubungomunye webichithekile eThekwini ngempelasonto lapho bekukade kunomcimbi omkhulu wamahhashi nemfashini iVodacom Durban July eGreyville Racecourse.

Uqale ngo-6 ntambama waphela ngo-6 ekuseni izolo.

Ngaphambi komcimbi i-Afrotainment neMetro FM bebejabulisa izihambeli zomcimbi omkhulu lapho bebenetende ebelihanjelwe ngosaziwayo okubalwa kubona uZulu Boy, David Kau, DJ Twitty, abalingisi be Sibaya uSibusisiwe Jili no-Andile Gumbi nabanye.

Kwabanandisile bekukhona uBlack Coffee, Joocy noDavid Kau obeqhulula amahlaya.

Kuphinde kwaba nombukiso wemfashini lapho bekukhangiswa ngezingubo zelebuli kaZama Mathe iZarth nelebuli yezikhwama kaDJ Cndo i-Euphoria.

Kwethulwe nemisiko emisha yelebuli iFact Durban Rocks eyenziwe yinkosikazi kaDJ Tira, uGugu.

Abasakazi beMetro FM uDJ Sbu no-Oskido basakazele izinhlelo zabo bukhoma kulona leli tende.