ZANELE MSOMI
U kuvulwa kwamabhuloho amabili ngoLwesihlanu kuqede usizi kubantu baseClermont ku-ward 22 ngenxa yokuthi bekungahambeki uma kunemvula.
Imvula yango-2011 yashiya abaningi abantu dengwane. Abakhahlamezeka banikwe izindlu eziwu-10.Lezi zindlu zomxhaso yizingxenye yeziwu-30 ezaqala ukwakhiwa emuva kokuhlaselwa kwemvula.
Ikhansela, uMnuz Sibongiseni Mkhize, uthe amabhuloho avuliwe kubalwa elezimoto nelokuwela abahamba ngezinyawo.
“Kule ndawo kunomfula iMvuzane oseduze nezikole ezine. Bekuba yinkinga uma line kakhulu ngoba izingane bezingakwazi ukuya esikoleni. Ngisho abasebenzayo bebethwala kanzima ngoba umfula ubugcwala,” kuchaza yena.
UMkhize uthe kusukela ngo-2011 sebevule amabhuloho ayisikhombisa kanti kulindeleke ukuthi bavule amabili okugcina maduze.
Mayelana nezindlu zomxhaso ezivulwe ngoLwesihlanu uthe ngezamalungu omphakathi izindlu zawo ezadilizwa yizimvula.
“Laba ngabantu abebehlala emijondolo kodwa sithe kungcono bakhelwe izindlu ezinesithunzi ukuze baphephe nasemvuleni,” usho kanje.
UMnuz Johannes Thusini (48), ngomunye wabahlomulile kukhishwa izindlu ngoLwesihlanu. UThusini, owashonelwa yinkosikazi futhi ongasebenzi, uthe ubehlala nezingane eziyisihlanu emjondolo wamapulangwe. Lo mjondolo bawakha ngo-2011 emuva kokudilikelwa yindlu yodaka.
“Sekuzohlaleka kahle ngoba sahlukumezeka kakhulu ngo-2011. Besihleli kabuhlungu nezingane ngoba nawo lo mjondolo wepulangwe bewungaseneli. Nathi sesizokhululeka noma kuhlasela imvula ngoba siphephile manje kanti abengekho namandla okwakha,” kusho yena.
Ngalo uLwesihlanu kuphinde kwanikezwa imifaniswano ezinganeni eziwu-10 ezintulayo eSithengile Senior Secondary School.
UMkhize uthe lokhu kuyingxenye yohlelo alusungula engena ehhovisi ngo-2011. Inhloso yalo wukulekelela abafundi abantulayo nabayizintandane. Ngalolu hlelo uthe usiza zonke izikole ezisewadini yakhe kodwa ngoLwesihlanu bebegxile esikoleni esisodwa ngoba sekwenziwa kwezinye. Izikole zibhalisa amagama ezingane ezidinga usizo.