YOGAS NAIR
I QEMBU lezigelekeqe elihlomile seliwaqedile amabhizinisi, izimoto ezithwala imali nabantu abakhipha isamba semali emabhange KwaZulu-Natal kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule.
Leli qembu elinamalungu angu-12 limataniswa nokubamba inkunzi izindawo ezingu-15 ePhoenix, Thongathi, KwaMashu nasenyakatho yeTheku.
Kuthiwa leli qembu elizibiza ngeTsunami lithatha imizuzu emithathu ukwenza umsebenzi.
“Bayizikhondlakhondla futhi bakushaya kabuhlungu ungalindele. Ngendlela abayingozi ngayo, akufanele ubasukele wena. Bafunelwa amanye amacala amaningi asebewenze esifundazweni. Amaphoyisa asehlanganise ithimba elizama ukulibamba leli qembu,” kusho umthombo.
“Sesihlanganise ithimba kuzo zonke izinhlaka zethu futhi imiphumela isiqala ukubonakala manje. Sizobamba noma yini ngoba uphenyo selungasekupheleni,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Jay Naicker.
Uthe basebenzisana kakhulu namabhizinisi abe yizisulu, amabhange kanjalo ne-African Banking Risk Information Centre ukuze bathole leli qembu.
EPhoenix naKwaMashu, leli qembu selibambe amabhizinisi amabili izikhathi ezimbili enyangeni eyodwa. Abasebenzi basekhemisi iWhitehouse Pharmacy nendawo yokucwala izinwele KwaMashu namanje basathuthumela. Abasolwa basuke behlome ngama-AK47 nezibhamu ezincane. Kuthiwa balinganiselwa eminyakeni engu-20 no-30. Umphenyi wamacala ozimele waseThekwini kodwa ongafunanga ukudalulwa uthe ngendlela abayingozi ngayo abanqeni ukuvela bakudubule bakubulale.
Uthe kade aqala ukulandela leli qembu.
“Bangochwepheshe futhi abenzi nje amacala abazobambeka kalula kuwona. Bayahlala phansi bahlele kahle. Lokhu kubonakala uma ubuka ubufakazi be-video,” kusho lo mphenyi.
Uthe abasolwa kukholakala ukuthi bahlala kwaMaphumulo noma eNkandla.