ZANELE MSOMI
KUHLUKENE imibono ngoMnyango wezaBesifazane, Izingane nabanoKukhubazeka osanda kuhlakazwa kwashintshwa uhlaka ngesikhathi kwethulwa ikhabhinethi entsha.
UMengameli Jacob Zuma uqoke uNgqongqoshe omusha uNkk Susan Shabangu wamemezela nokuthi uMnyango wezaBesifazane usuzoba ngaphansi kwehhovisi lakhe.
Ngesikhathi kusungulwa lo mnyango ngo-2009 kwaqokwa uNkk Noluthando Mayende-Sibiya ukuba ngungqongqoshe ngethemba lokuthi izinkinga zabesifazane sezizoba wumlando.
Kuthe kusabhekwe okwenziwa wumnyango, wakhishwa uNkk Mayende-Sibiya waba yinxusa e-Egypt.
Kungene uNksz Lulu Xingwana naye othathe ihlandla elilodwa.
Enkulumweni asanda kuyethulela isizwe uZuma uthe uhlaka olusha lomnyango luzosebenza ehhovisi lakhe neminye iminyango nezinhlaka ezizimele ukuthuthukisa abesifazane nokulwela amalungelo abo.
Uyivumile induku yokuthi yize eminyakeni emihlanu edlule kuzanyiwe ukuqinisa umthetho kwabahlukumeza abesifazane kodwa izinkinga zisaqhubeka.
Nokho inhlangano elwela amalungelo nokulingana kwabesifazane kuleli, iCommission for Gender Equality (CGE), iyawuncoma umnyango osanda kuhlakazwa njengoba ithi izibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane zehlile.
I-CGE iyakuncoma nokushintshwa kohlaka lwalo njengoba usufakwe ehhovisi likaMengameli.
Le nhlangano ithi kukhulu okungenziwa yilo mnyango uma unikezwa ithuba.
UMnuz Javu Baloyi ,okhulumela i-CGE, uthe akuwona umdlalo ukusungula umnyango omusha njengoba kwenzeka kowabesifazane.
“Umnyango wawudinga ubuchule ukulungisa isimo esibona ukuthi ukwazile ukukwenza lokho. Uma ubuka izibalo zokuhlunyezwa kwabesifazane zehlile. Umnyango ngeke wenze lutho uwodwa yingakho nathi nezinye izinhlaka silekelela ukulwa le mpi,” kusho yena.
UBaloyi uveze izibalo ezikhomba ukuthi ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabesifazane nyakenye kube ngu-64 514 kusuka ku-66 196 ngo-2012.
Umhlaziyi wezepolitiki, uDkt Pearl Sithole, unombono ohlukile njengoba ethi akakuboni okwenziwe wumnyango osuhlakaziwe futhi lincane ithemba lokuthi uhlaka olusha luzokwenza umehluko.
Uthe inkinga wukuthi ngesikhathi usungulwa akukho okubekiwe ngendlela ozosebenza ngayo.
Uyakugxeka nokushintshwa kongqongqoshe nohlaka lwawo.
“Phambilini yonke iminyango ibinezinhlaka ezibhekelela abesifazane. Kusungulwa umnyango ozimele besinethemba lokuthi kuzoba nokuhleleka kwezinto. Lo mnyango awubonakali uphambili ekudaleni ushintsho nasekulweni izimpi zabesifazane kunalokho ukhuluma ngezinto ngoba sezenzekile,” kusho yena.
UDkt Sithole uthe kunzima ukunqoba izimpi ezibhekene nabesifazane ngoba yipolitiki eyone izinto.