Izindaba

Bekudlaliswe ukotini ePhalamende

Zanele Msomi|Published

ZANELE MSOMI neSapa

B EKUDLISA ingqephu yoboya emalungwini ePhalamende adlule kukhaphethi obomvu izolo ngaphambi kokuthi uMengameli Jacob Zuma ethule inkulumo yesizwe.

UNkk Thobeka KaMadiba Zuma, omunye wamakhosikazi kamengameli, ungomunye wabebegqoke ibhantshi elifishane elinoboya obusagolide.

UMnuz Sibusiso Radebe, ilungu le-ANC, ubegqoke isi-Arab, eshaye ingubo emhlophe nesigqoko.

Imeya yaseKapa, uNkk Patricia de Lille, akazange azixake ngengqephu.

“Ngokwesibili kuvulwa iPhalamende onyakeni owodwa. Bengingeke ngizixake kakhulu ngendlela engibukeka ngayo, yingakho ngikhethe isudi emnyama nehembe elihle,” kusho yena.

Omunye ongazikhathazanga ngokuswenka wumholi weDA, uNkk Helen Zille. Ubegqoke ingubo emnyama nebhantshi elimnyama elinokusagolide.

Inkosi Mandla Mandela, umzukulu kaMnuz Nelson Mandela, ubeyishaye yaphelela imvunulo yesiXhosa enombala omnyama nosawolintshi.

UNkk Sibongile Nkomo, ilungu le-IFP, ubedlubhe imvunulo yaseGhana nebhantshi eli-pink nesigqoko esimeshayo.

Abanye abakushayanga mkhuba ukuthi yisebusika, bedle eziveza umzimba.

UNkk Natalie Maimane, umkaMnuz Mmusi Maimane umholi weDA ePhalamende, ubeshaye ingubo ende emnyama egqize ngokusagolide ngenhla, engenamikhono.

Enye intokazi yomlungu, elingatholakalanga igama layo, ithathe amehlo abathwebuli ngengubo ebukhwebezane ebiveza umhlane one- tatto.