Izindaba

ULloyd ne-albhamu ehlanganise izigqi

NONHLANHLA MKHABELA|Published

ULLOYD Cele uthi i-albhamu yakhe elandelayo izoba seqophelweni eliphezulu kakhulu kunawaphambi-lini. Uthe izophuma ekupheleni kukaJulayi noma ekuqaleni kuka-Agasti ULLOYD Cele uthi i-albhamu yakhe elandelayo izoba seqophelweni eliphezulu kakhulu kunawaphambi-lini. Uthe izophuma ekupheleni kukaJulayi noma ekuqaleni kuka-Agasti

NONHLANHLA MKHABELA

WETHEMBISA ulozolo lodwa ku-albhamu yakhe ezophuma maduzane umculi waseThekwini owazakhela udumo ohlelweni lomncintiswano womculo ama- Idols SA.

ULloyd Cele uthe umatasatasa upheka i-albhamu ethi Shades Of Grey ezophuma ngasekupheleni kukaJulayi noma ekuqaleni kuka-Agasti.

Uthe le albhamu uyiqophe ngokuhlanganyela namaciko ehlukene okuyiSoweto Gospel Choir, Brian Themba, Drakensburg Boys’ Choir, DJ Tira noFisherman.

“Ngihlanganise izigqi eziningi ezahlukene kule albhamu yingakho ngiyiphe nesihloko i Shades Of Grey ngoba asikho isigqi esisodwa ongasipha yona. Ngifake umculo engaziwa ngawo we-R&B, i-pop enesigqi esidansisayo, umculo wokholo. Kuzophuma into emnandi kunayo yonke esengike ngayenza phambilini,” usho kanje.

Uthe ingoma ayenze neDrakensburg Boys’Choir uyibhalele ukuhlonipha umengameli wokuqala wentando yabantu wakuleli uNelson Mandela.

“Ngiveza ukuthi uMandela ubaluleke kangakanani kimina, amagalelo akhe ekukhululeni izwe nokudlula kwakhe emhlabeni kungithinte kanjani,” kusho uLloyd.

Uthe ingoma ayenze ngokuhlanganyela neSoweto Gospel Choir esihloko sithi Hold On To The Light yona yingoma yokubuyisa ithemba kubantu.

Ukuyibhala uthe usizwe ngumbhali nomdidiyeli womculo waseNew York uCurtis Richardson oseke wabhalela abaculi okubalwa kubona uJennifer Lopez, Rihanna, Deborah Cox, Joss Stone nabanye abaningi.

“Ngihlangene naye ngenkathi ngihlanganisa i-albhamu yami yesibili i No Limits njengoba i-video yenye yezingoma zayo i Hero yenzelwe khona. Wangisiza kakhulu kuleyo albhamu yingakho nginqume ukumcela angisize nakulena.”

ULloyd uqokwe eqoqweni leBest Creative Album emiklomelweni eyenziwa yiSouth African Music Rights Organisation ebizwa ngeWawela Music Awards ezoba ngenyanga ezayo.

“Kungijabulisile ukuqokwa kwami kule miklomelo ngoba kukhomba ukuthi ubuciko engibukhombisayo uma ngihlanganisa ama-albhamu ami sebuyabonakala,” usho kanje.

Kwi-albhamu i No Limits uLloyd usebenze noDJ Fresh, DJ Euphonik, AKA noSasha P ongumrepha waseNigeria.

Ngayo waqokelwa iBest Pop Album, Song of The Year ngengoma i Hero neBest Collaboration nge Louder ayenza noDJ Fresh, Euphonik noSlikour kuma-Sama.

Eyokuqala i- One wahlabana ngayo iBest Pop Album, waqokelwa iSong of The Year ngengoma i Make it Easy neBest Collaboration ngengoma ayicula noLoyiso Bala ethi Thando.

ULloyd uthe uzobe enandisa emdlalweni wamaBhokobhoko neWales oyingxenye yeCastle Lager Incoming Series okusasa eGrowthpoint Kings Park Stadium, eThekwini.