Izindaba

Kunikwa intsha ithuba lokuqhakambisa amathalente

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA

INTSHA yakuleli enethalente lomculo, umdanso we-hip hop nemidwebo izonikwa ithuba lokuyothekela ulwazi eMelika ihlanganyele nezingqugqulu zalo mculo emncintiswaneni iSprite Uncontainable Challenge.

Kulo mncintiswano oshaya umjikelezo wenhlolokhono kulona lonke leli kuthungathwa abantu abakwazi ukurepha, ukudansa imidanso ye-hip hop, ukudweba imidwebo ebizwa nge-graffiti nokudlala i-basketball.

Ngesonto eledlule inhlolokhono ibiseMega City, eMlazi lapho iqale ngoLwesithathu yaphela ngoLwesihlanu kanti kusukela kusasa kuze kube nguLwesihlanu izobe iseHighveld Mall, eWitbank.

Isikhulu sakwaSprite uHlukani Rikhutso sithe inhloso yalo mncintiswano osuneminyaka wenziwa, wukunikeza abanethalente ithuba lokuziveza ezweni.

“Sifuna ukubanikeza ithuba lokuthi baveze amathalente abo ngendlela enamandla futhi eyiqiniso. Sithi kubona mabalalele izinhliziyo zabo, umhlaba ulambele ukubazi ukuthi baphetheni,” usho kanje.

Amajaji omncintiswano ngumrepha uSizwe Moeketsi odume ngelikaReason, Mernoly Simba ongomunye wabasunguli bohlelo lokuvumbulula ithalente le-hip hop olwalukhonjiswa kuVuzu neciko le-graffiti uGeorge “Mars” Kalapov.

UReason uthe umuntu abamthungathayo ngonethalente elingangatshazwa ongeke aqalwe phansi afundiswe okuningi.

“Sifuna amaciko aphelele, umsebenzi wawo kube ohlangene ngendlela ehlaba umxhwele kodwa angakaze athole ithuba lokungena kule mboni. Sifuna umuntu oselungele ukuthi angathathwa abekwe ezingeni elilandelayo lalo msebenzi angaqali phansi afundiswe yonke into,” usho kanje.

Kulo mncintiswano kuzokhethwa abantu abangu-12 abazoqhudelana kowamanqamu ozoba seGoli ngo-Agasti.

Emkhakheni ngamunye, okungowokucula, ukudansa, ukudweba nokudlala ibasketball kuzowina umuntu oyedwa kuthi abawinile bavakashiswe eNew York.

Okunye okusemklomelweni wukuhlanganyela nezingqungqulu zaseRockafela okungaba nguJay Z noma uKanye West nokuyobuka bukhoma umdlalo owodwa womncintiswano weNational Basketball Association.

ULindi Ndlovu (25) waseLamontville okwabayoncintisana kowamanqamu eGoli emkhakheni webasketball uthe kuzobe kufezeke iphupho lakhe uma engawina ayobukela umdlalo weNBA bukhoma.

“Ngiyazifela ngebasketball. Ngeshwa lapha eNingizimu Afrika akuwona umdlalo onakwayo ngakho ngigcina ngokuwuthokozela kuthelevishini . Kuyiphupho lami ukuthi ngibone umdlalo weNBA bukhoma,” usho kanje.

Abathandi be-hip hop kodwa abangenalo ithalente kule mikhakha ebekiwe nabo bazonikwa ithuba lokujoyina abanqobile ohambeni ngokulandela u-@Sprite kuTwitter bese befaka umsebenzi wabo wobuciko banoma yiluphi uhlobo ngaphansi kwamagama athi #SpriteHipHopFan.