EFF leader Julius Malema with Flyod Shivambu taking the Oath of Office during the swearing in of Members of Parliament. 21/05/2014, Elmond jiyane. GCIS EFF leader Julius Malema with Flyod Shivambu taking the Oath of Office during the swearing in of Members of Parliament. 21/05/2014, Elmond jiyane. GCIS
INTATHELI YESOLEZWE
INHLOKO yamaJaji uMogoeng Mogoeng uhleke waze waqethuka ngesikhathi kungena amalungu ePhalamende amele i-Economic Freedom Fighters (EFF) ePhalamende edlube ama-ovaroli abomvu namabhuzu amnyama njengabantu abasuke beyosebenza emasimini nasemgwaqweni.
Abesifazane bebegqoke njengabasebenzi basezindlini. IJaji lenze ihlaya ngokuthi belizitshela nokuthi bazodlubha namabharethi abo njengoba bezishaye zaphelela. Amanye amalungu ePhalamende abonakale efa yinsini kanti abanye bebequvile bengakuthokozeli abebekubona okuhlanganisa noMengameli Jacob Zuma.
Ngaphambi kokufungiswa abalandeli be-EFF ngaphandle kwePhalamende bajabulele abaholi babo.
Ilungu lePhalamende elisha le-EFF, uNksz Magdalene Moonsamy lithe bajabulile ukuba sePhalamende. Omunye obezofungiswa uMnuz Floyd Shivambu uchaze indlela ababegqoke ngayo ngokuthi bafuna ukukhombisa ukuthi bamele abasebenzi.
“Abantu abasebe-nzayo nabahluphekayo bayazi manje ukuthi bamelwe ePhalamende. Ayikho enye inhlangano edlelana nabahlwempu,” usho kanje. Okwehlukile izolo ngomakalabha babo ngukuthi bebenganalo uphawu lwe-EFF njengesikhathi besakhankasa ngenxa yemthetho yasePhalamende engahambisani nokufakwa kwezimpawu zamaqembu ezepolitiki. Abanye abebezofungiswa bebegqoke ngendlela ejwayelekile befake amasudu nothayi.