UMnuz Jacob Zuma namakhosikazi akhe uMaNgema, uMaNtuli, uKaMadiba noMaKhumalo aveze ukuthi omunye wawo wadlwengulwa. Isithombe: SIGCINIWE UMnuz Jacob Zuma namakhosikazi akhe uMaNgema, uMaNtuli, uKaMadiba noMaKhumalo aveze ukuthi omunye wawo wadlwengulwa. Isithombe: SIGCINIWE
ZANELE MSOMI
IZINHLANGANO ezilwela amalungelo nokuvikelwa kwabesifazane zihlukene ngemibono ngesenzo sikaMengameli Jacob Zuma sokuphumela obala ngokudlwengulwa komunye wamakhosikazi akhe.
NgoMsombuluko uZuma uphumele obala okokuqala esithangamini nabezindaba ngokudlwengula kukankosikazi angamdalulanga, athe kwenzeka eminyakeni engu-10 eyedlule.
Ubephawula ngombiko woMvikeli woMphakathi wokuqiniswa kwezokuphepha komuzi wakhe eNkandla kanti ukuveza eyokudlwengulwa ubegcizelela isidingo sokuqinisa ezokuphepha.
Yize engalidalulanga igama likankosikazi owadlwengulwa kodwa kuyaziwa ukuthi ubani unkosikazi wakhe owayehlala eNkandla ngesikhathi uZuma esanguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha esifundazweni.
Lolu daba lwabikwa phambilini kwabezindaba njengoba abasolwa abane baboshwa ngo-2001 ngesigameko esenzeka ngo-1999.
ICommission for Gender Equality (CGE) ikushayele ihlombe ukuphumela obala kukaMengameli yathi kuzogqugquzela nabesifazane abesabayo ukubika ngokuhlukumezeka.
UMnuz Javu Baloyi, okhulumela i-CGE, uthe lokhu kufakazela ukuthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane akukhethi.
“Siyakholwa wukuthi lesi sitatimende esenziwe ngumengameli sizosiza ekuxwayiseni umphakathi ngenkinga izwe elibhekene nayo ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Wenze kahle avezele umphakathi ngoba ukudlwengulwa akuyona into okumele ifihlwe ngoba isithinta sonke,” usho kanje.
UBaloyi uthe akuthusi ukukhuluma kukaZuma ngalolu daba ngoba uhulumeni wakhe uzama ngayo yonke indlela ukuqinisa imithetho yokuvikela abesifazane.
ISonke Gender Justice Network okuyinhlangano yabesilisa egqugquzela ukuvikela ukuhlukunyezwa kwabesifazane ishaye amakhala ngesenzo sikaMengameli.
Le nhlangano ithe yize bekugqugquzela ukuthi izisulu zokudlwengulwa zikhulume ngakho, kushiya imibuzo ukuthi kungani uZuma akudalule manje.
Ephawula ephephandabeni lesiNgisi lansuku zonke uMnuz Desmond Lesejane okhulumela le nhlangano usole ukuthi uMengameli ukhulume ngoba udaba lwaseNkandla selufake kakhulu ipolitiki.
“Kungani akhulume manje emuva kwaso sonke lesi sikhathi? Uma umuntu ekhuluma ngalolu daba bekulindeleke ukuthi kube nozwelo.
Kuyadingeka sazi nokuthi uMaKhumalo walulekwa yini emuva kwalesi sigameko,” kusho yena.
ULesejane uthe yize bekuncoma ukuthi uMengameli ukukhathalele ukuvikela umndeni wakhe kodwa ngeke baphumule bonke abesifazane bakuleli bengakavikeleki ekuhlukunyezweni.
Ngokujwayelekile kuba yisinqumo sodlwenguliwe ukuphumela obala yingakho kuthusile ukuthi uZuma azikhulumele ngokudlwengula komkakhe.