ZANELE MSOMI
NGESIKHATHI abaningi bekholelwa ukuthi ubuhle bowesifazane busezinweleni, kukhona abangazihluphi ngokuzelula nokuxhuma ezithengwayo ngenxa yokwaneliswa yindlela ababukeka ngayo.
Yize impilo yesimanje iveza isithombe sokuthi kumele ube nezinwele zokufakelwa ukuze ubukeke, kunabesifazane abazishayela ngezemvelo.
Muva nje kwande isitayela sokuxhuma izinwele ezimba eqolo ezilandwa emazweni aphesheya kwezilwandle.
Ama-weave nama-brazilian hair kuhamba phambili kwabesifazane besimanje okwenza bahlukane nemali elinganiselwa kuR3 000 kuya phezulu ngesitayela sokuxhuma izinwele.
Kunabesifazane asebeze bajwayeleka ngendlela ababukeka ngayo nezinwele zemvelo.
Abanye sebeke basetshenziswa nayimikhiqizo yobuhle nasezikhangisini ngaphandle kokuxhuma izinwele.
UZizo Beda ongumethuli we Selimathunzi kuthelevishini ungomunye wabathathwa njengeziphalaphala kodwa ongeke umbone exhumile.
Le ntokazi eyake yawina ku-Miss SA Teen ngo-2006 nakhona yayizishayela ngama-braids okuyisitayela sokweluka izinwele zemvelo. Kusukela ngaleso sikhathi akaze abonakale nezinwele ezixhunyiwe.
UZizo useke wabonakala ezikhangisini zezimonyo waphinde wayinxusa lezingubo zokugqoka zabesifazane kwaLegit.
Kuzo zonke lezo zikhangiso akaze ayishintshe indlela abukeka ngayo ekhanda.
UNtsiki Mazwai oyimbongi, ungomunye wosaziwayo oseke waphumela obala ngesitayela sakhe sezinwele.
Wavela emithonjeni yabezindaba ethi akasoze asebenzisa imithi yokwelula izinwele ngoba waneliswa ngezakhe zemvelo.
UNoni Gasa owazakhela udumo kwezemfashini naye uke wazishayela ngesitayela sokwephuca izinwele kanjalo noZikhona Sodlaka odlala indawo kaPriska kwi Generations.
Kukhona nabesifazane abasezikhundleni eziphezulu kwipolitiki kodwa abangadumile ngokushintsha isitayela sezinwele.
UNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka onguMqondisi we-UN Women, uDkt Nkosazane Dlamini-Zuma onguSihlalo we-African Union Commission noNksz Bathabile Dlamini onguNgqongqoshe wezokuThuthukis-wa koMphakathi bangabanye babo.
USithandiwe Hlongwane oyi-Image Consultant onelebula yemfashini iBright Shadow, uthe yize ubuhle bowesifazane busezinweleni kodwa kumele wenze okuhambelana nawe nokuzokukhulula, hhayi ukwenza into ngoba isemfashinini.
“Umuntu isitayela sasekhanda asijwayele sigcina sesiwubuyena, naye angazizwa kahle uma enze angasijwayele,” usho kanje.
Wenze isibonelo ngomlingisi uBonnie Mbuli ohlala enezinwele ezimfishane athe akasajwayeleki uma enze esinye isitayela.