SAPA
U-Oscar Pistorius obekwe icala lokubulala uvele wazimboza amehlo izolo ngenkathi ungoti kwezokuhamba kwezinhlamvu echaza ngamanxeba abulala uReeva Steenkamp, owayeyintombi kaPistorius, ngonyaka odlule.
Unina kaReeva, uNkk June Steenkamp, uvele wasikhihla isililo ecaleni lomsubathi okhubazekile eliseNkantolo eNkulu ePitoli.
UNkk Steenkamp ududuzwe yilungu le-ANC Women’s League ebelihleli eceleni kwakhe.
UMshushisi uGerrie Nel ubebuza uCaptain Chris Mangena ngeqhaza lakhe ekuphenyeni icala likaPistorius.
“Kwakunomhuzuko ezifubeni sikamufi… kodwa inhlamvu ayingenanga esifubeni, kusho uMangena ngenkathi uNel embuza ngokulandelana kwezithombe ebeziphambi kwakhe.
“Isithombe 62 sikhombisa imihuzuko ngemva kukamufi,” kusho uMangena.
UNksz Steenkamp wayenenxeba emnweni ophakathi nendawo esandleni sobunxele.
“Isithombe 65 siveza amanxeba amabili ekhanda lomufi, elinye inxeba lapho inhlamvu yangena khona, elinye lapho inhlamvu yaphuma khona.”
UMangena uthi wayekhona ngenkathi kukalwa uPistorius. Ubude bakhe bungu-1.84m uma enemilenze yokufakelwa, abe ngu-1.65m ubude ngaphandle kwayo.
UMangena wakala ihlombe nobude bendololwane kaPistorius emile kabili efake imilenze noma engayifakile.
Wabuye wakala ubude bengalo yakhe iluliwe kuye kufinyelele emaqupheni, ingu-66cm.
UPistorius ubekwe icala lokubulala uNksz Steenkamp ngenhloso nelokwephula umthetho olawula ukuphathwa kwezibhamu. Kuthiwa waqhumisa isibhamu sohlobo lweGlock endaweni yokudlela eGoli ngoJanuwari nyakenye.
NgoSepthemba nyakenye kuthiwa waqhumisa i-9mm “estamkokweni” ses’lahla ayehamba ngaso eModderfontein, eGauteng.
Icala liyaqhubeka namuhla kusuka ngo-9.30 ekuseni.