NONHLANHLA MKHABELA
O WOKUQALA waKwaZulu-Natal ukuphuma emncintiswaneni i Big Brother Mzansi: Secrets uthi ufunde okuningi abengakwazi ngaye ngokuba kulo mncintiswano.
ULola van der Byl (23) waseMgungundlovu obone afika ngayo kwi Big Brother ngeSonto ebusuku uthe ufunde ukuthi uyatetema futhi kulula kakhulu ukuba aphatheke kabi.
Le ntokazi engumfundi weziqu zeMarketing eNyuvesi yaKwaZulu-Natal izokhumbuleka ngakho ukudedela izinyembezi njalo uma iphatheke kabi kulolu hlelo.
“Ngithe ngisho ngibuya ekhaya eminye yemibuzo abangibuze yona wukuthi kungani bengihlale ngikhala njalo nokuthi bengingalenzi ngani ikhanda,” kusho uLola ephela yinsini.
Uthe obekwenza kube nzima kakhulu ukuhlala endlini ye Big Brother wukuthi ubeqala ukuba kude nomndeni wakhe isikhathi eside kangaka.
ULola uhlale emncintiswaneni izinsuku ezingu-35.
Abanye abeqokwe nabo ukuba baphume emncintiswaneni ngumngani wakhe uThando, Kat noJase.
Bekuyisonto lokuqala lokuthi izimbangi ezisendlini ziqokane zodwa ukuba ngubani ezifuna ukumbona ephumile endlini.
ULola uke wazicelela ukuhamba kwi Big Brother phambilini ezwa ukushuba kwesimo endlini kodwa wagcina ekhethe ukuhlala ngemuva kokunikwa ithuba lokucabangisisa ngesinqumo sakhe.
Uthe uyajabula ukuthi uqhube-kile nokuhlala ngoba ngabe uphu-thelwe ngokunye okuningi endlini.
“Bese ngisondelene nabantu abaningi endlini njengoThando noMK engizobakhumbula kakhulu, sakhe ubungani obuhle nabo. Angizisoli ngokungenela i Big Brother futhi uma ithuba lokuba ngiphinde lingaqhamuka ngingangena futhi,” usho kanje.
Uthe ubungani bakhe noMK abesembiza ngomyeni wakhe buzoqhubeka ngoba bobabili ngabaseKZN futhi bathanda izinto ezifanayo eziningi.
“Angazi noma ubudlelwane bethu bebungakhula bube ngobothando yini noma cha ukube anginaye umuntu engithandana naye empilweni yami kodwa angingabazi ukuthi sizoqhubeka sibe ngabangani,” kusho uLola.
UMK usale wakhihla esikaNandi ngeSonto sekuhambe uLola ngendlela laba ababili abese besondelene ngayo.
ULola uthe usazolungisa izinto ezimbalwa mayelana nesikole bese eqhubeka nezifundo zakhe enza unyaka wesibili kuzona.
Abanye abakulesi sifundazwe abasele emncintiswaneni nguMzamo waseNdwedwe, Jase noMK baseThekwini.
n I Big Brother Mzansi: Secrets idlala ubusuku nemini eziteshini u-197 no-198 kuthi isiqephu sokukhipha abancintisanayo sikhonjiswe kuMzansi Magic ngeSonto ngo-7 ebusuku.