Izindaba

Uvule elokwehliswa isithunzi okuthiwa ukwi-video

Zanele Msomi|Published

ZANELE MSOMI

USEVULE icala lokuhlukunyezwa nokwehliswa isithunzi owesifazane waseNtuzuma othukwa wumphakathi emuva kokuba umakhelwane emumatanise nevideo esisabalele, enentokazi edansela abesilisa emgwaqweni iphethe ibhodlela lotshwala ize ikhumule izithinte ubuntu bayo esidlangaleni.

UNksz Nompilo Ngcobo (23) uthe akasakwazi nokuhamba ngokukhululeka ngenxa yokukhonjwa nokuthukwa kuthiwa ugila amahlazo kwivideo okungaqondakali ukuthi yashuthelwa kuphi.

Uthe sekunamasonto amathathu ephunga abantu bembuza ngaleli hlazo, efonelwa nangabangani bakwezinye izindawo bebabaza umhlola.

Umakhelwane, Isolezwe elinalo igama lakhe kodwa ongeke adalulwe ngoba usazovela enkantolo, ungumngani omkhulu kanina.

“Ngangingekho efika ekhaya ezobakhombisa ivideo, ebabuza nokuthi bayabona yini ukuthi yimina.

“Ekhaya baphika, umama wacela nokuthi ayisule kungaze kusabalale amahlebezi angekho. Uthe uyithole kwenye intombazane asebenza nayo, wayithatha ngoba esola ukuthi yimina lona odansayo,” kusho yena.

Kwivideo kubonakala owesifazane oxhume izinwele ezimhlophe, ogqoke isikibha esimnyama nephenti, ephethe ikani.

Ungungwe abesilisa endaweni ephithizela nezimoto kodwa ubuso bakhe abuveli kahle ngenxa yokuhwalala. Uma isaqala udansa ehlise iphenti, kuzwakale abesilisa bethi akalikhumule besho bemshutha ngomakhalekhukhwini. Intokazi ayikhulumi kodwa yenza lokhu okucelwa ngabesilisa abezwakala behlabeke umxhwele, kuvimbanise nomsindo wengoma.

Ngasekupheleni kwe-video abesilisa bamcela nokuthi aphakamise umlenze, kuthi uma esenza njalo bathi mbo kuyena nomakhalekhukhwini, abanye bekhala ngokuthi sebeyasitheka.

UNksz Ngcobo okhala ezimathonsi uma exoxa lolu daba, uthe okwenza abanye bakholwe wukuthi nguyena wukuthi naye ujwayele ukuxhuma izinwele ezimhlophe.

Uthe abanye bamtshela kwezikabhoqo ukuthi ukhohlakele futhi udakwa kabi.

“Isaqala yonke le nto bengicabanga ukuthi yihlaya.

“Ngiqale ukuthuka sengithola izingcingo nakubangani bami abaseGoli naseRichards Bay. Abangani bayabona ukuthi akumina kodwa abanye bayakholwa ngoba nobuso abuveli kahle kule video,” usho kanje.

Osebenza enkantolo yeMantshi ephathelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane eNtuzuma kodwa ongagunyaziwa ukukhuluma nabezindaba ukuqinisikisile ukuvulwa kwecala.

Uthe icala livulwe ngaphansi komthetho omusha iHarrasment Act.

“Umama osabalalise ivideo uzothunyelelwa incwadi embiza enkantolo azochaza kodwa namaphoyisa sesiwathintile ukuthi avule elinye icala lokwehliswa isithunzi salo wesifazane,” kusho yena.