NONHLANHLA MKHABELA
I NSIZWA yaseChesterville ephila nokukhubazeka engaphumelelanga kwinhlolokhono yomncintiswano wama- Idols ebisePlayhouse eThekwini ithi ngeke ililahle ithemba ngoba yethembele emculweni ukuba wenze impilo yayo ibe ngcono.
USamkelo Sosibo (23) walimala umgogodla engozini yemoto ngo-2004 kanti lokhu kwenza impilo yakhe yaba nzima njengoba ngisho ukugibela itekisi kukodwa nje kuwumsebenzi omkhulu.
“Ngazalwa nginokukhubazeka kodwa ngangikwazi ukuhamba ngabe sengikhubazeka kakhulu ngemuva kwengozi. Ngiyawuthanda umculo futhi ngibona sengathi yiwona msebenzi ozokwenza impilo yami ibe ngcono njengoba ngiziphilela ngemali yesibonelelo nje,” kusho uSamkelo.
Uthe kumphathe kabi ukungathathwa kuma- Idols ngoba ubenethemba lokuthi uzothola ithuba lokukhombisa ngethalente lakhe ezweni lonke nobekungamvulela iminyango.
“Bekuzoba ngcono ukuba ngiphume kwesinye isigaba somncintiswano hhayi ukuthi ngingathathwa kodwa ngisazophinde ngizame futhi uma ithuba liqhamuka,” usho kanje.
UNoluthando Mpulo (21) waseMgungundlovu, yena uvele wakhihla isililo etshelwa ukuthi akaphumelelanga.
“Kuvele kwangiqeda amandla ukuthi ngingangeni, abachazanga nokuthi kungani bethathe lesi sinqumo futhi yini ekumele ngiyilungise,” kusho uNoluthando esikhihla.
Uthe ucula eqenjini elisafufusa elinamalungu amane iNon-Return kanti bazokhipha i-albhamu maduzane njengoba sebeqedile ukuqopha sekulungiswa indlela i-CD ezobukeka ngayo.
Inhlolokhono yama- Idols ibingeyesibili njengoba iqale eGoli ngoFebhuwari 15 lapho kuthathwe abangu-18, izodlulela eKapa ngoMashi 9 igcine ePitoli ngoMashi 22.
Abaphumelele ngoMgqibelo basazoya kwenye futhi inhlolokhono ngoLwesithathu lapho kuzohlungwa khona abaya ukuyoncintisana eGoli.
Ama- Idols azoqala ukukhonjiswa kuthelevishini ngoJulayi nonyaka.
Khonamanjalo, abaculi bamakhwaya nabo bebekwinhlolokhono yomncintiswano i Clash of the Choirs esikhungweni se-UKZN, iHoward College.
Kulo mncintiswano kubangwa isiteki sika-R750 000 lapho uR250 000 unikelwa enhlanganweni esiza umphakathi.