ZANELE MSOMI
K UNGAKAPHOLI maseko umndeni wakwaZulu ongamaRasta eNtshongweni umangaze abaningi ngokunqabela izingane ukuthi zifunde, sekuvele omunye ongayingeni eyokugoma izingane nokuziyisa emtholampilo ngenxa yenkolo yobuRasta.
Emuva kokushicilelwa kodaba lwakwaZulu osekungenelele kulo nohulumeni, Isolezwe lincinzwe indlebe ngalo mndeni okuthiwa unezingane ezingenazo ngisho izitifiketi zokuzalwa.
Kuvakashelwe lo mndeni oseNtshongweni izolo uNksz Zinhle Mjeje (24), ongunina wezingane ubevutha engafuni nokukhuluma. Unezingane ezintathu zabafana endala ineminyaka emithathu, kulandele oneminyaka emibili bese kugcina ngothunjana ozalwe ngoJanuwari 4.
UNksz Mjeje uhlala noyise wezingane uMnuz Mlungisi “MaMfana” Mhlanzi (24), obengekho izolo, amanye amalungu omndeni athe akahambisani nalo mkhuba kodwa asekhuze ahluleka.
UMnuz Sizwe Mhlanzi ongumfowabo omdala kaMaMfana, uthe bebevele befisa ukuxoxa nephephandaba ukuze uhulumeni angenelele njengasodabeni lakwaZulu.
Uthe okuningi okwenziwa ngumfowabo ukuthathe kuMnuz Rasjuda Zulu okuthiwa ungumholi wabo kule nkolo.
“Kunzima ukuyekisa umuntu inkolo yakhe kodwa sengizame kaningi ukubonisa umfowethu, kokunye useyashintsha kancane. Izingane zabo zigcina esibhedlela uma zibelethwa, azigomi. Asiqali ukuba nomuntu oyiRasta ekhaya kodwa lokhu asikwazi,” kusho yena.
UNksz Mjeje ogcine evumile ukukhuluma kodwa ekwelinye ikamelo, ukuqinisekisile ukuthi izingane azinazo izitifiketi futhi aziyi emtholampilo ngoba akasiboni isidingo.
“Emtholampilo ngiya uma sekusondele ukubeletha ngoba ngiyazi abakwamukeli esibhedlela uma ubungayi. Ngiya ngoba ngisuke ngesaba ukubelethela ekhaya,” kusho yena.
Uthe izingane zakhe azimhluphi ngokugula futhi naye akayisebenzisi imithi yodokotela.
“Uma beguliswa wukuqhumisa ngibashutheka iColgate, angibahambisi kodokotela ngoba ngikholelwa kuNkulunkulu,” usho kanje.
Uthe yena noyise wezingane babalahla omazisi ngenxa yenkolo yabo futhi abasebenzi.
Uthe baphoxekile ngokuthi umholi wabo usebajikele wathambela umthetho ekubeni bebelandela yena.
UMnuz Muzi Mhlanzi onguninalume kaMaMfana, uthe usekhathale yile nsambatheka.
Uthe Isolezwe alimshuthe ngenkani uNksz Mjeje ayimele le nkolo abahlale bebabelesela ngayo.
Kusuke isidumo beqophisana ngamazwi noNksz Mjeje ogcine esexosha izintatheli.
UMnuz Vukani Mbhele okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni uthe bazongenela nganoma iyiphi indlela kulolu daba, wacela ukuthunyelelwa imininingwane.