NONHLANHLA MKHABELA
U MSAKAZI wesiteshi somphakathi waKwaMashu iVibe FM uthi ukungabi nomsakazo wezingxoxo KwaZulu-Natal kukhomba ukuthi sisasalele emuva lesi sifundazwe kwezemisakazo futhi iseyinde indlela okumele ihanjwe ukusikhulisa.
U-Ayanda Ntuli (33), oshayela uhlelo lwasekuseni i Breakfast With A Difference ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu aphinde enze uhlelo lwezindaba ezisematheni ntambama, uthe inhloso yomsakazo akukhona ukunandisa kuphela kodwa nokufundisa.
“Kubalulekile ukuthi umsakazo ufundise, nokwenza ukuthi umsakazo wezingxoxo udingeke kakhulu emphakathini. Uthola ukuthi emisakazweni esinayo nakuba zikhona izinhlelo zezindaba kodwa kudlalwa kakhulu umculo, lo mculo othola ukuthi abantu vele banawo ezingcingweni zabo noma kuma-mp3 abo,” kusho lo msakazi.
Uthe isifiso sakhe esikhulu wukuthi agcine esesebenzela umsakazo izingxoxo futhi akukho okungamthokozisa njengokuthi leso siteshi sibe kusona lesi sifundazwe.
Uthando luka-Ayanda lokusakaza uthe luzalwe wuthando lokufundisa abantu izinto ezintsha njalo.
“Abantu bayakholelwa kakhulu emsakazweni, nokuyilapho ngabona ukuthi ngingangena khona ngibambe iqhaza ekufundiseni abantu ngoba ngiyathanda abantu bazi,” kuchaza u-Ayanda oneziqu ze-language practice azithole eDurban University of Technology ngo-2005.
Uqale emsakazweni esebenzela iDurban Youth Radio kusukela ngo-2005 esiza ithimba lezindaba kodwa engaqashiwe ngokugcwele.
“Ngokubona ukuzikhandla kwami bagcine sebengithatha ngenza uhlelo lwezindaba ezisematheni. Ngasuka lapho ngashayela uhlelo lomculo kamaskanda oluthi Ushikishi nolwathakaselwa kakhulu njengoba ngaze ngaqokwa ngalo kumaSATMA ngo-2008,” kulandisa u-Ayanda.
Ngo-2010 ujoyine iVibe FM ezokwenza uhlelo lwezindaba ezisematheni, wabekwa waba yinhloko yezindaba. Ngonyaka odlule ngoJanuwari waqala ukushayela uhlelo lwasekuseni.
Abasakazi athe ubukela kubo ngo-Alex Mthiyane weGagasi FM, athe umfundise okuningi ngomsakazo no-Ernest Pillay weRadio 2000.
Ugqugquzela labo abasafisa ukungena emsakazweni ukuthi bangakuxwayi ukusebenza emisakazweni yomphakathi ngoba yilapho ukwazi ukupholisha khona ikhono.
“Kuyiqiniso ayikho imali khona, yingakho kumele ube nothando lwento oyenzayo futhi wazi ukunikela emphakathini wangakini.
Kuningi okufundayo okukukhulisayo emsakazweni,” kusho u-Ayanda.