NKULULEKO NENE
B ASOLA isibhedlela saKwaNongoma ngokufa kosana oluneminyaka emibili emva kokulunywa yimfezi nomzala walo belele ekhaya eNgolotshe.
UNksz Sebenzile Nyandeni (32) utshele Isolezwe izolo ukuthi ngesikhathi sekusondele phakathi kwamabili kwezwakala ngomshana wakhe, uTusani Nyandeni, egxuma ebheka phezulu embhedeni ekhala ubumayemaye, sekonakele kade ezilalele kahle nonina.
“Savuka sama ngezinyawo, sakhanyisa ugesi sibheka lo okhalayo. Washo ngengila elokhu ekhombe njalo ngasembhedeni sengathi kukhona akubonayo,” kusho uNyandeni, eqhubeka echaza ukuthi baqale bazitshela ukuthi ingane incinzwe yisinambuzane nje yinto ezodlula.
“Udadewethu wabhekisisa ingane ukuthi idliwa yini njengoba isandla sasingasuki esiswini ikhala ngokuthi kuyaluma. Wabe esengitshengisa amanxeba amabili okwakubukeka sengathi ugwazwe ngenaliti, ngezansi kwenkaba. Sabe sesicabanga ukuthi kungenzeka ukuba utinyelwe ufezela.”
Baphuma ekamelweni beshiya izingane ezine zilele, balala kusofa endlini yokuphumula bezama ukuthulisa uTusani owabe esefikelwe yisibibithwane. Emva kwamahora amabili sebenethemba lokuthi kuzolaleka bavuswa uNhlalenhle (8) oyindodakazi kaSebenzile ekhihla isililo ethi kukhona inunu esimlumile.
“Wakhomba esihlakaleni sakwesokunxele. Ngabona igazi limfimfa kancane enxebeni. Isikhumba sakhe sabe sesiphaphathekile eduze kwalapho elunywe khona.”
Ngesikade kwabonakala imfezi phansi kombhede yashaywa yabulawa.
Baphuthuma esibhedlela kepha bangaluthola usizo oluphuthumayo, okunalokho babanjiswa ulayini omude baze babona udokotela emva kwehora leshumi ekuseni. UTusani washonela ewodini lesibhedlela phambi konesi.
Ngesikhathi bemxilonga bathola ukuthi amehlo akhe ayesemhlophe engasanyakazi, uNhlalenhle owayesesimeni esibucayi wadluliselwa esibhedlela saseNgwelezane, eMpangeni.
“Angineme ngendlela isibhedlela esasingatha ngayo lesi simo kwaveza isithombe sokungayikhathaleli impilo yomuntu. Ngibashayele ucingo eNgwelezane bangithembisa ukuthi uNhlalenhle uyalulama,” kuchaza uSebenzile.
Uthe sebelinde isidumbu emaphoyisa aKwaNongoma ngaphambi kokwenza amalungiselelo omngcwabo.
Bebefisa ukungcwaba kusasa nakuba bengazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani njengoba kungekho namunye osebenzayo ekhaya futhi abasenabo nabazali.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi uthe kuyaxaka ukuthi imoto yeziguli ingakhishwa ngesikhathi ibizwa ngumndeni.
“Kuzomele sithole ukuthi ucingo babelushaye nini bebiza imoto yosizo oluphuthumayo. Lokhu kulula ukukuthola njengoba izingcingo zethu ziqoshwa. Siyokwazi ukuphawula uma sesithole yonke le mininingwane,” kubeka uMkhwanazi ngamafuphi.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe likhona idokodo eliphenywayo ngamaphoyisa aKwaNongoma emva kokufa komfana oneminyaka emibili.