Izindaba

I-ANC iphonselwe inselelo ngengxabano

SAPA+|Published

017 07.12.2013 Mourners photographic each other near a mural of the late former states man Nelson Mandela outside ANC Luthuli House, Mandela past away at his home in Houghton. Picture: Itumeleng English 017 07.12.2013 Mourners photographic each other near a mural of the late former states man Nelson Mandela outside ANC Luthuli House, Mandela past away at his home in Houghton. Picture: Itumeleng English

ILUNGU elihlonishwayo le-12 Apostles Church licele ukuthi ziphele izingxabano zangaphakathi kuKhongolose. Likusho lokhu ngesikhathi kunomkhuleko kaMandela eMthatha, izolo.

“Kumele niye okhethweni lwangonyaka ozayo nibumbene,’’ kusho uMphostoli Caesar Nongqunga, etshela abantu abangu-6 000 eNgangelizwe Rotary Stadium.

UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ubekhona naye kule nkonzo. Esebhekise kuMantashe, uNongqunga uthe inhlangano ebusayo inenkinga ngezikhulu ezikhohlakele kodwa inkinga yenkohlakalo ikhona yonke indawo ngisho nasemasontweni imbala.

“Angikholwa wukuthi ikhona inhlangano engenawo amalungu akhohlakele… Sibhekene nenselelo. Okokuqala kumele siziguqule thina… Siyawuthanda uKhongolose, sifuna ukuwubona ubumbene.”

Uthe usekhathele ukubona abantu bethukana.

Ebuyela kwekaMandela, uNongqunga uthe umhlaba wonke ulilela indoda emadodeni.

“Kumele sililele ukudlula emhlabeni kwendoda ehloniphekile ngokuthi nathi senze okuhle ngaso sonke isikhathi. Ukuthula kunamandla, kungashintsha yonke into.”

Kulo mkhuleko kaMandela bekukhona noNdunankulu wase-Eastern Cape, uNkk Noxolo Kiviet. – Intatheli yeSolezwe