084 02/11/2013 The Freedom Front members at Pretoria High Court, where they were protesting against the e-toll, which are kicking off tonight. Picture: Giyani Baloi 084 02/11/2013 The Freedom Front members at Pretoria High Court, where they were protesting against the e-toll, which are kicking off tonight. Picture: Giyani Baloi
INTATHELI YESOLEZWE
SICHITHIWE izolo enkantolo enkulu ePitoli isicelo esifakwe yiFreedom Front (FF) Plus sokuphikisana nohlelo lwe-etoll eGoli oluqala namuhla.
IJaji, uMaria Jansen, lithe isicelo seFF Plus sichithwe ngenxa yokuthi asizwakali futhi akukho okuphuthumayo ngaso. Ijaji lithe abafake isicelo bahlulekile ukwenza isikhalo sabo sibe nesigqi.
Uhlelo lokukhokhelwa imigwaqo obeluchithwa yizinhlaka ezahlukene luqalile ukusebenza phakathi kwamabili. Izinhlangano zamabandla izolo bezisagcizelela ukuthi ngeke ziyikhokhele imigwaqo zanxusa nezinye izinhlangano ukuthi zenze okufanayo.
“Thina njengabaholi bamabandla sikhethe ukuphumela obala ngenhloso yethu yokungabi yingxenye yalolu hlelo lwama-etoll. Sinxusa bonke abaholi bamabandla namalunga ezinhlangano zamabandla kuleli abahambisana nentando yabantu ukuthi bangawakhokheli ama-etoll,” kusho isitatimende.
Abaholi bamandla okubalwa uMbhishobhi Jo Seoka weSA Council of Churches, uMbhishobhi Paul Verryn weCentral Methodist Mission noMbhishobhi Zipho Siwa weMethodist Church of Southern Africa bathe lesi sinqumo asibanga lula. Bathe baphoqelekile ukuthatha lesi sinqumo ngoba uhulumeni akafuni ukulalela.
NgoLwesihlanu iJustice Project SA (JPSA), ithe yathumela incwadi kuMnuz Nazir Alli oyisikhulu seSanral nakuNgqongqoshe wezokuThutha uNkk Dipuo Peters nakuNgqongqoshe wezoBulungiswa uMnuz Jeff Radebe ngodaba lwama-etoll.
I-JPSA icele ukuchazelwa ngezinyathelo ezizothathwa kulabo abangeke bawakhokhele. Bathe uma kushaya uLwesihlanu olwedlule bengayitholi impendulo bazothatha izinyathelo. Impendulo ethunyelelwe ngabameli beSanral iveze ukuthi ngeke ikwazi ukunikeza le ncazelo efunwa yiJPSA. ISanral ithe kade lwachazwa udaba lwama- e-toll futhi lukhona nasemqulwini kahulumeni.
NgeSonto uPeters uthe bese kubhalise abawu-75 000 ohlelweni lwama-etoll.