Izindaba

UNtshingila ushiye isikhundla kwaSuperSport ngenxa yokugula

SAPA+|Published

Happy Ntshingila Happy Ntshingila

SISULILE emsebenzini isikhulu esiphezulu sesiteshi sezemidlalo, iSuperSport, ngenxa yokugula.

Izolo izikhulu zesiteshi zimemezele ukuthi uHappy Ntshingila ( osesithombeni) uthathe isinqumo sokusula ngemuva kokuxinwa wukugula izinyanga.

“Njengoba ngilulama ngithathe isinqumo sokuthi ngicabangele impilo yami ngokuthi ngingabuyeli esikhundleni sami sokuba yisikhulu esiphezulu sakwaSuperSport,” kusho uNtshingila esitatimendeni.

Inkampani iMultiChoice Group, iSuperSport engaphansi kwayo, isamukelile isinqumo sikaNtshingila.

“Sonke eMultiChoice Group sifisa ukubonga kuHappy ngamagalelo akhe, simfisela nempilo ende nempumelelo,” kusho isikhulu esiphezulu sakwaMultiChoice, u-Imtiaz Patel.

Njengoba esesulile uHappy, isikhundla sizobanjwa nguBrandon Foot oyinhloko yezomthetho kulesi siteshi, kuze kube kuqokwa isikhulu esiphezulu esisha.

UHappy waqala ukusebenza kwaSuperSport ngoMashi 2012. ngaphambi kwalokho wayeyi-executive director ye-marketing and communications yebhange u-Absa. – Intatheli yeSolezwe