NONHLANHLA MKHABELA
YETHEMBISA lukhulu intokazi ezoshayela uhlelo lwezingxoxo esiteshini esisha se-e.tv i-eKasi +, uMasechaba Lekalake.
UMasechaba ozoshayela uhlelo i- Ekse: Let’s Talk With Masechaba Lekalake uthe ababukeli mabalindele uhlelo lwezingxoxo ngendlela abangakaze balubone ngayo kuleli.
“Lolu hlelo lwehlukile ngoba ayikho imigomo eminingi ebekiwe ngokwezihloko nendlela esizidingida ngayo kodwa ngabangani nje abathathu bezihlalele bezixoxela nganoma yini ethinta abantu kusukela ezindabeni zabantu abangathembeki ezithandweni zabo, ama-e tolls ukuchithwa kwemali eningi emngcwabeni, noma ngabe yini ethinta umuntu sizoxoxa ngayo,” kuchaza le ntokazi.
Izobe ingahambi yodwa kodwa izobe iphelezelwa nguMongezi “Tol Ass Mo” Ngcobondwane, Refilwe Modiselle noPhillip Malepa.
UMasechaba oke washayela izinhlelo okubalwa kuzona i- Big Break Legacy, One Day Leader, Into Africa nezinye uthe okumnandi ngalolu hlelo wukuthi bathola ithuba lokuveza imibono yabo ngezindaba ezisematheni kanjalo nokuzwa imibono yabantu abasemphakathini.
“Asimemi ongoti kodwa siphuma siye kubantu emphakathini lapho uPhillip esivezela ukuthi abantu bona bacabangani ngesihloko esixoxa ngaso ngalolo suku, umphakathi osibukele yiwona ongongoti kulolu hlelo,” kusho uMasechaba.
Akulona lodwa uhlelo lwezingxoxo oluzokhonjiswa kulesi siteshi njengoba nonontanda kubukwa uKhanyi Mbau ezoshayela uhlelo i Katch It With Khanyi.
Kulolu hlelo uzobe exoxa nosaziwayo ngezindaba ezisematheni ngabo ebanikeza ithuba lokuthi baziphendulele ngamahlebezi akhulunywayo ngabo baveze uhlangothi lwabo lodaba.
I- Ekse: Lets Talk izodlala njalo ngoLwesibili kuya kuLwesine ngo-6 ntambama, i Katch It With Khanyi idlale njalo ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Ezinye izinhlelo ezizokhonjiswa kulesi siteshi kubalwa i Gumba Gumba okuwuhlelo lomculo oluzoshayelwa nguNtombi Mzolo, i Behind The Gospel ezoshayelwa nguBonolo Nkosi, Kasi-licious okuwuhlelo lokupheka nezinye.
Iziteshi ezintsha ze-e.tv ekuyi-eKasi+, eAfrica+, eMovies+ ne-eToonz + zizokwethulwa ngokusemthethweni ngoLwesibili kanti zizosakazwa ngohlelo lwe-OpenView HD olukhokhelwa kanye lapho usathenga i-decoder kuphela.