UBABULELE ngensini usomahlaya u Loyiso Gola ngesikhathi enza adume ngazo e Suncoast, eThekwini, ngempelasonto UBABULELE ngensini usomahlaya u Loyiso Gola ngesikhathi enza adume ngazo e Suncoast, eThekwini, ngempelasonto
NONHLANHLA MKHABELA
U HLELO lukasomahlaya uLoyiso Gola, i- Late Nite News With Loyiso Gola(LNN), olukhonjiswa ku-e.tv luqokelwe emcmbini wokuklomelisa izinhlelo zethelevishini emikhulukazi umhlaba wonke ama-International Emmy Awards.
Uhlelo, ludlala njalo ngoLwesithathu ngo-9.30 ebusuku esiteshini sezindaba se-e.tv, i-eNCA nangoLwesine ngo-8 ebusuku ku-e.tv, lukusizini yesishiyagalombili.
Lubheka izindaba ezisematheni, ikakhulukazi ezithinta ipolitiki bese luzidingida ngendlela enamahlaya kubuye kumenywe nosopolitiki abathile baphonswe imibuzo.
Osomahlaya abasebenza njengezintatheli zohlelo ngoDavid Kibuuka, Riaad Moosa, Chester Missing noJason Cope kuthi uLoyiso abe ngumethuli wezindaba.
ULoyiso uthe uzizwa ekhethekile ngokunyulwa kwe-LNN eqoqweni lwamahlaya kule miklomelo futhi usazincinza ngokuthi ngempela iqokiwe.
“Njalo ngesonto sisebenza kanzima ukuzama ukuhlanganisa uhlelo oluzochaza abantu ngakho kumnandi ukubona imiphumela yalokho ngale ndlela,” kusho uLoyiso.
Uthe kwakuvele kuyiphupho lakhe ukuthi ngelinye ilanga okungenani umsebenzi wabo uqokwe kule miklomelo.
“Siluqala nje uhlelo savumelana ngokuthi kumele lube sezingeni eliphezulu kwathi ngesizini yesithathu saxhumana nabo abantu bama-Emmy ukubazisa ngesikwenzayo nokuzwa ukuthi imiklomelo ingenelwa kanjani,” kuchaza uGola.
I-LNN iqhathwe nezinhlelo Okubalwa kuzona i- Moone Boy yase-UK, i- Workingirls yaseFrance ne- How To Enjoy The End Of The World yaseBrazil uLoyiso athe akaze ezwe nangazo.
“Angizihluphanga nangokuzibheka, sesohlangana kukhaphethi obomvu,” kuncokola uLoyiso.
Olunye uhlelo lwakuleli oluqokelwe kule miklomelo yi- Masterchef SA eseqoqweni lwe-Non Scripted Entertainment lapho iqhathwe ne- Go Back To Where You Came From yase-Australia, Dear Neighbours Help Our Daughter Find Love yase-Israel ne- Reto al Chef 2 yaseColombia
Umcimbi wokumemezela abawinile uzobe ungoNovemba 25 eNew York, e-USA.