Izindaba

Wafika eGoli wangena kwezokulingisa

NONHLANHLA MKHABELA|Published

NONHLANHLA MKHABELA

I NSIZWA yaseMnambithi esematheni kulezi zinsuku ngefilimu i Nothing For Mahala ezokhonjiswa ema-cinema kusukela namhlanje nangomncintiswano osanda kuphela i Strictly Come Dancing, uThapelo Mokoena (31), ithi ayikho into ebaluleke empilweni njengokuzazi ukuthi ufunani bese ulandela amaphupho akho.

UThapelo owaphothula izifundo zakhe eLadysmith High, uthi wanikela eGoli ngokukhulu ukushesha lapho wayehlele ukuyokwenza izifundo ze-Bookkeeping kodwa wabona ukuthi udlala ngesikhathi ngoba inhliziyo yakhe yayingekho lapho.

“Ngifika kuleli dolobha elikhulu yilapho ngaqala ukubona kahle khona ukuthi umhlaba bengingakaqali nokuqala ukuwazi. Ngabona ukuthi ngingaba yinoma yini engifuna ukuba yiyona ngafunda nangezikole zamafilimu nobuciko nokuyiwona mkhakha owawusenhliziyweni yami,” kulandisa uThapelo.

Uthe akazange afune ukuthatha ushansi kodwa wavele washintshela ezifundweni zamafilimu esikhungweni sezobuciko i-AFDA lapho waphuma neziqu ze-Live Performance and Motion Pictures ngo-2003.

“Ngenhlanhla abazali bakwazi ukulalela baqonda into engiyifisayo, banginikeza ithuba lokuyenza,” kusho lo mlingisi ozalwa ngumama ongumZulu nobaba ongumSotho.

Uthe ukuphuma emndenini ozwanayo nowesekanayo kumsizile ukwazi ukuzimela ngempumelelo.

“Ngikhule nabafowethu abane sikhuliswa ngumama, sihlala nesikhathi esiningi nogogo, besingabafana bakagogo empeleni ngoba kwakwaziwa nje ukuthi uma kuvalwe izikole indlela ibheke kwagogo,” kulandisa lo mlingisi ophinde abe nodadewabo ababili abazalwa nguyise.

UThapelo uthi uwuthokozela kakhulu umsebenzi wakhe njengoba eseke wasebenza nezihlabani okubalwa kuzona u-Idris Elba abalingise naye efilimini i- Long Walk To Freedom esanda kuphuma e-USA, Taye Diggs, Tony Kgoroge, Naomi Harris nabanye.

“Angenzanga lutho olutheni kwi- Long Walk To Freedom kodwa ukuba kuyona nokuqophela eRobben Island kusho lukhulu kimina kanjalo nokusebenza nezihlabani ezihlonishwayo,” kusho uThapelo odlala u-Elias Motsoaledi kule filimu.

Amanye amafilimu aselingise kuwo kubalwa i Drum, Skyfe, Small Street ne Transaction kanti imidlalo eyiziqephu yethelevishini kukhona i Mzansi, Mthunzini.com, A Place Called Home, Wild At Heart neminye.

Baningi futhi abazomkhumbula engumqaphi kaKarabo uGabriel kwi- Generations nakwi Sidingo lapho wayenguZweli Sibiya.

Nakuba ethi uyazifela ngomsebenzi wakhe kodwa uthe udumo oluza nawo lubuye lube yinkinga uma esedinga ukungcebeleka aphumule.

“Kunezinsuku lapho mina nonkosikazi wami sithanda ukuzishayelwa ngumoya kodwa kube nzima ngoba kunabantu abazitshela ukuthi ngoba udumile impilo yakho ngeyabo nabo, benza futhi basho abakuthandayo ngawe. Abangakwazi wukuthi nawe ungumuntu njengabo, wukuthi owakho umsebenzi ukubeka emehlweni abantu.”

UThapelo ushadelwe uLesego osemkhakheni wengqephu, abanayo ingane.