ANELISA KUBHEKA
LIGIXABEZWE ngodilikajele ibhungu lasePhoenix, eThekwini, ebelibhekene necala lokubulala unina nodadewabo ngokubashaya ngesando nenduku esansimbi belele.
USiphosethu Buthelezi (26) utholwe enecala yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu. IJaji lifanise lesi senzo nesobulwane sokubulala unina ongamzali uNksz Sibongile Thusi nodadewabo abangazalwa ndawonye uNksz Nompumelelo Mabaso.
Yize isizathu sokubulala ngesihluku laba bobabili singaziwa kodwa iJaji ngenkathi likhipha isigwebo lithe liyehluleka ukuqonda ubulwane obenziwe nguButhelezi.
“Namanje ngisehluleka ukuqonda ukuthi yini eyenza umuntu acabange ukwenza into enjena. Ungalusebenzisa kanjani udlame olungaka kumuntu owakukhulisa?” kubuza iJaji uDaya Pillay ekhipha isigwebo ngosuku lokusongwa kwenyanga ethathwa njengeyabesifazane.
UPillay uthe ubufakazi obuqanda ikhanda yibona obenze ukuthi athathe isinqumo sokuthi uButhelezi akadingi ukwelulekwa ngokwengqondo.
Inkantolo izwe ubufakazi ezinganeni ezimbili ezazikhona endlini ngenkathi uButhelezi ehlasela laba bobabili amahora amabili ebakhwelele ngesando nensimbi.
Kuthiwa laba besifazane babelele ebusuku ekhaya labo elise-Wattlebrook Crescent, ePhoenix, ngoDisemba 14 ngenkathi uButhelezi egasela nomunye osagcwele amathafa befike begaklaza laba ngesando nensimbi.
Inkantolo iphinde yalalela ukuthi oyedwa wesifazane washayeka kabuhlungu ebusweni nasekhanda izikhawu eziyisithupha.
Ngemuva kokuklajwa izidumbu zabo zasongwa ngezingubo zokulala zafakwa kuplasitiki omnyama zase ziyolahlwa emathuneni aseNanda eduze kwaseMolweni.