ABALINGISI befilimu elisha iZulu, uForest Whitaker (kwesokunxele) no-Orlando Bloom emcimbini wamafilimu iCannes Film Festival, eFrance lapho le filimu yabo likhonjiswe ngokokuqala khona. Isithombe: AP Photo ABALINGISI befilimu elisha iZulu, uForest Whitaker (kwesokunxele) no-Orlando Bloom emcimbini wamafilimu iCannes Film Festival, eFrance lapho le filimu yabo likhonjiswe ngokokuqala khona. Isithombe: AP Photo
INTATHELI YESOLEZWE
U MLINGISI waseMelika ohlonishwayo uForest Whitaker usephinde wakhombisa ikhono ngokudlala indawo yephoyisa elithungatha umbulali wentombazane yebala elimhlophe efilimini entsha esihloko sayo sithi Zulu.
Le filimu inodlame nezigaba ezibuye zishaqise ngempilo yamaqembu ezigebengu aseNingizimu Afrika, iphinde iveze ukuthi isekhona insila yobandlululo kuleli.
I Zulu eqondiswe nguJerome Salle wodumo lwe Largo Winch ikhonjiswe ngokokuqala emcimbini wokuvala ifestivali yamafilimu eba seFrance minyaka yonke, iCannes Film Festival ngeSonto.
Kwabanye abalingisi abakuyona kubalwa u-Orlando Bloom odlala indawo yephoyisa lebala elimhlophe elizenzela umathanda nelingenandaba namthetho nomlingisi wakuleli uConrad Kemp.
UWhitaker udlala indawo ka-Ali owaphunyula ekubulaweni ngamalungu eqembu lepolitiki Inkatha eyayingezwani namanye amalungu e-ANC.
Uma esekhulile u-Ali uba yisikhulu sophiko oluphenya amacala okubulala eKapa nalapho ezimisele ukubamba abenzi bokubi ukuze bajeze.
Ohambeni lwakhe kuvela ngokusobala ukuthi kusenezilonda zangesikhathi sobandlululo ezingazange ziphole.
Le filimu iveza isithombe seKapa sokuthi yilowo nalowo uzicabangela yena, zonke iziphathimandla ziyakhwabanisa futhi kubusa umthetho wokuthi umphakathi uzijezisele wona izigebengu.
UWhitaker wahlomula ngendondo ye-Oscar ngendawo ka-Idi Amin ayidlala kwi The Last King of Scotland ngo-2006, futhi udume ngokungena khaxa endaweni ayilingisayo emafilimini akhe.
Ukuzilungiselela ukuba kwi Zulu, uthi wahlangana neqembu langempela lemigulukudu amanye amalungu alo ayesanda kuphuma ejele waya nasemiphakathini yawo ukuze angene kahle kule ndawo yomuntu odlule ebunzimeni ebuncaneni nasebudaleni bakhe.
“Ngahlangana namalungu amaqembu aphuma ezindaweni ezahlukene, amanye awo ayesanda kuphuma ejele. Ngibona ukuthi kuyasiza ukuthola lapho indawo oyidlalayo isuselwe khona,” kusho uWhitaker.
“Ithimba elilwa nobugebengu obunodlame langivakashisa ezindaweni eziningi impela, okwangisiza ngaqonda ukuthi kunjani ukuba selokishini,” kusho uWhitaker.
Wengeze nokuthi ufunde ulimi lwesiZulu nesiBhunu emasontweni ambalwa ayezilungiselela ngawo ukuqopha.
Phezu kokuba le filimu ithole ukugxekwa ngabaningi ngokuveza kakhulu udlame nokuhlukunyezwa kwabantu okufaka ukunqunywa kwamakhanda nokudlwengulwa, uWhitaker uthi ishaya emhlolweni ngodlame olwenzekayo ngenxa yamaqembu odlame.
“Kuke kwaba khona nokugaxa kwabantu ithayi amahlandla ambalwa eKhayelitsha ngisho sisekhona kuleya ndawo ngesikhathi siqopha,” kusho uWhitaker.
Wengeze nokuthi ngesikhathi eqopha ubone amalungu omphakathi ephelelwa yithemba emaphoyiseni egcina esezijezisela ngokwawo izigebengu.
Lokhu kusondele kakhulu efilimini njengoba u-Ali elangazelela ukuziphindiselela azenzele yena ubulungiswa.
“Ukuzilungiselela ngiphinde ngachitha isikhathi esiningi namaphoyisa, abantu emphakathini bebethi awabalaleli, awabasizi futhi yiwona avumela abantu ukuthi benze bonke ububi obenzeka endaweni yabo,” kusho uWhitaker.
“Kusukaphi konke lokhu? Buqhamukaphi bonke lobu buhlungu obuveza zonke lezi zinto?
“Ngicabanga ukuthi yiyona yinto ekumele ixazululwe leyo,” kuqhuba uWhitaker.
UConrad Kemp okunguyena yedwa umlingisi wakuleli efilimini uthe ukuzijezisela izigebengu yisenzo esesande kakhulu eNingizimu Afrika esenziwa ngabantu ababona sengathi umthetho kawubasizi.
Kepha uWhitaker uthi isithombe esiyiso kasilahlekisi ithemba njengoba kuvezwa efilimini.
Uthe kancane kancane, ukuxolelana okuphathelene nobandlululo kuyabonakala.
Uthe kuphathelene nomlando wokuphathwa ngamanye amazwe kanti lezo yizindaba ekumele kuxolelwane kuzo kuqhutshekelwe phambili.
“Kuza kancane kodwa leli lizwekazi ligcwele ithemba lempumelelo, liyakhula futhi liyashintsha liya phambili,” kuphetha uWhitaker.