Izindaba

I-DA ikhalaza ngezinhloli kowe-ANC

SAPA+|Published

Intatheli yeSolezwe

I-DA ithi asikho isidingo sabezobunhloli abangu-40 okuthiwa bazotshalwa eMangaung ngaphambi kwengqungquthela ye-ANC yokukhetha ubuholi.

Okhulumela iDA ophikweni lwezokuphepha uNkk Dianne Kohler-Barnad uthe abasiboni isizathu esizwakalayo sokuthi kutshalwe laba abangu-40 bezobunhloli eMangaung noma isizathu sokuthi abasebenzela ezobunhloli zombuso bayompimpa abantu abashayisanayo kwezepolitiki.

Iphephandaba i City Press libike ukuthi sekuthunyelwe ithimba elikhethekile lezobunhloli elihlanganisa abangu-40 abazotshalwa ezindaweni ezihlukene lapho kuqhubeka khona ingqungquthela.

Leli phephandaba liveze ukuthi leli thimba lihlanganiswe emasontweni amathathu edlule kanti liholwa yinhloko ebambile kwezobunhloli uMajor-General Chris Ngcobo.

UBrigadier Phuti Setati ebuzwa ngaleli thimba uthe amaphoyisa awakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba lokhu kuzophazamisa umsebenzi oyokwenziwa eMangaung.

UKohler-Barnard uthe akasiboni isidingo sokuthi abantu bezobunhloli bakhishwe emisebenzini yabo yansukuzonke ukuyoqapha ingqungungquthela yeqembu lezepolitiki ngaphandle uma kulindeleke ukuthi kube nokwenzekalayo okuwubugebengu.

Uthe kumele ngabe laba abayiswa eMangaung babhekana nezingqinamba ezibhekene nelakuleli.

Uthe imibiko ithi laba bezobunhloli bebeqoqa imininingwane ngezithunywa zale ngqungquthela ezingamvotelanga uMengameli Jacob Zuma ezifundeni ebezivota kuzo.

Uthe uzodlulisela imibuzo ePhalamende ukuze athole ukuthi ngubani ogunyaze ukuthunyelwa kwabezobunhloli nokuthi yini inhloso yokubathumela eMangaung.

Uthe bazobheka nokuthi kuzodla kanjani emalini yabakhokhi bentela.

Uthe abaholi be-ANC abaphinde babe ngabaholi bakahulumeni abakwazi ukusebenzisa izinsizaku-sebenza zamaphoyisa ukulwa izimpi zabo zezepolitiki.