ABENHLANGANO ebhekele ukongiwa kwemvelo KwaZulu-Natal bathi bazocela usizo lwaboPhiko lwezokuVikela ukuze kunqandwe ukubulawa kobhejane.
UMnuz Musa Mntambo okhulumela abezeMvelo KZN Wildlife uthe le nhlangano isigqemeke engeqiwa ntwala ngenxa yokubulawa kobhejane kusukela lo nyaka uqalile. Maphakathi nale nyanga, babalelwa ku-55 obhejane asebebulewe banqunywa izimpondo uma kuqhathaniswa nesibalo sanyakenye lapho babengu-34. Ngo-2010 babengu-38. Isiqiwi, iKruger National Park sihamba phambili ngezibalo eziphezulu zobhejane abazingelwe babulawa. Bangu-272 asebezingeliwe selokhu uqalile lo nyaka, kulandele iKwaZulu-Natal.
Ngemuva kokutholakala kobhejane abayisikhombisa bebulewe esiqiwini iHluhluwe/Mfolozi ngoSepthemba 22, abezeMvelo KZN Wildlife sebenxuse ukuthi kutshalwe uphiko oluyisipesheli oluzoqapha eziqiwini.
UMntambo uthe uphiko oluqapha esiqiwini lunamalungu angu-60 kuphela aqaphe zonke iziqiwi zaKwaZulu-Natal, wathi kudingeka okungenani kwengezwe ngamanye amalungu angu-200.