Cape Town.23/10/12-Matthews Dyamani consults his client Xolile Mngeni in the state vs Xolile Mngeni at the Cape High Court. Pictures:Brendan Magaar. Reporter:Shellee Geduld Cape Town.23/10/12-Matthews Dyamani consults his client Xolile Mngeni in the state vs Xolile Mngeni at the Cape High Court. Pictures:Brendan Magaar. Reporter:Shellee Geduld
INTATHELI YESOLEZWE
I ndoda ebhekene necala lokubulala uNkk Anni Dewani, ikhulume yankwankwaza, yashaya ingwijikhwebu eNkantolo eNkulu eKapa, ngesikhathi iphekwa ngemibuzo mayelana nenombolo yayo kamakhalekhukhwini.
UXolile Mngeni (25), ( osesithombeni), phambilini utshele inkantolo ukuthi wayesebenzisa umakhalekhukhwini wentombi yakhe kodwa efake ikhadi lakhe ngesikhathi eboshwa ngamaphoyisa ngoNovemba 16, 2010.
Ngesikhathi umbuso umbuza ukuthi kungani pho iphoyisa elambopha lingawutholanga lo makhalekhukhwini, uthe wawusulahlekile.
“Awushongo kanjalo ekuqaleni,” kusho iJaji Robert Henney.
Ubufakazi bukaMngeni bakamuva, buzwakale buhluka kulokho akutshela amaphoyisa ngesikhathi eboshwa.
UMngeni uthe kungenzeka ukuba inkantolo ayimuzwanga kahle noma yenze iphutha.
Uthe ucingo lwalahleka ngaphambi kokuba aboshwe, wase eyokwenza i-sim swap eyenza wakwazi ukubuyisa inombolo yakhe endala.
Uthe kodwa akaphindanga waba nomakhalekhukhwini emuva kwalokho.
Umsolwa uyawaphika wonke amacala abhekene nawo ahlanganisa ukuduna, ukuthumba, ukubamba inkunzi nokubulala uDewani, owabulawa ngoNovemba 13, 2010 eGugulethu.
Icala liyaqhubeka.