Izindaba

UMadonsela ufuna kuphenywe ngasolwa ngakho

SAPA+|Published

14/07/2011. Public Protector Thuli Madonsela briefs the media on her investigation into complaints and allegations of maladministration, improper and unlawful conduct by the Department of Public Works and the South African Police Service relating to the lease of office accommodation in Durban. Picture: Masi Losi 14/07/2011. Public Protector Thuli Madonsela briefs the media on her investigation into complaints and allegations of maladministration, improper and unlawful conduct by the Department of Public Works and the South African Police Service relating to the lease of office accommodation in Durban. Picture: Masi Losi

U MVIKELI woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela, izolo uzichithile izinsolo zokwenzelela ezenziwe yiPhini lakhe u-Adv Mamiki Shai.

UMadonsela ubephendula imibiko evele ephephandabeni i Sunday Times lapho uShai eveze khona ukuthi uMadonsela uyishintshile imininingwane ethize embikweni ngoMasipala oholwa yiDA, iMidvaal, washo nokuthi ugodle ngamabomu lo mbiko waze wawukhipha sekwedlule ukhetho lwalo masipala.

“Ukuthi kungasuka umuntu azothi bengifukamele umbiko ngiwugodlele ukuthi kudlule ukhetho ukuze ngiqinisekise ukuthi iDA iyawina kuyinkohlakalo okumele isukunyelwe iphenywe. Sisebenza ngokulandela uhlelo oluthize ehhovisi okuwuhlelo olukhombisayo ukuthi umbiko ngawuthola nini,” kusho uMadonsela.

“Imibiko ayivele ifuhlelwe kuwe ngesikhathi ungena ngomnyango. Ngicabanga ukuthi abantu kumele bawufunde umbiko ngoMasipala iMidvaal bese kuyima bebuza imibuzo kunoma ngubani lo ongigxekayo, babuze ukuthi yini le engayikhipha embikweni eyenza umbiko ungabi nabulungiswa,” usho kanje.

Uqhube wathi ufuna ukuthi uKhongolose eMidvaal ube yingxenye yalolo phenyo ngezinsolo zokuthi uyenzelela.

Uthe yena umile embikweni awukhiphile, wathi: “Angikaze ngithathe isinqumo engingeke ngikwazi ukusimela. Nginiphonsela inselelo njengezintatheli ukuba niwufunde lo mbiko ikakhulu lona waseMidvaal esengibekwa izinsolo ngawo.”