I SHIYE izinkinga emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) ikhempu yakamuva yeBafana Bafana ekubeni kugqame kuyona ukubukelwa phansi kwabadlali abebebiziwe njengoba bencishwe ithuba lokuba nemidlalo esemthethweni eqenjini lesizwe ngaphansi kwamagama abo.
ISouth African Football Association (Safa) ithathe isinqumo sokuyehlisa ezingeni leFifa imidlalo yeBafana yakamuva lapho ibibhekene khona ne-Equatorial Guinea, Zambia neGhana ngoba inovalo lwemiphumela kwazise bebengethenjwa laba badlali abebekhona.
Okuqaphelekile lapha ngemuva kokuthi uPitso Mosimane engazange abathole abadlali abebafuna, iSafa ibone kungcono yehlise izinga lale midlalo ukugwema ukuhlehla nyova ekuklelisweni kwamazwe adlala ngaphansi kweFifa.
Ngaphezulu kwalokhu uThabo Mokeke noNazeer Allie bobabili be-Ajax Cape Town balahlekelwe yingqayizivele yethuba lokuthola amadlelo aluhlaza ngenxa yayo belu le khempu.
IKaizer Chiefs isengcupheni yokuphunyukwa yithuba lokubanga isicoco seligi kwazise le khempu ishiye kukhalwa kuMakhosi njengoba uReneilwe Letsholonyane omqoka kuyona engeke alithinte ibhola kuze kube yisizini ezayo.
UBobby Motaung oyimenenja yebhola kuChiefs usanda kuphumela obala ku-website ye-Sapa ngokucasuka kwakhe ngesenzo seSafa sokwehlisa izinga lale midlalo.
“Ngaphandle kokuthi sibhekene nenkinga yokulinyalelwa wumdlali wethu obalulekile kodwa kuwukubadelela abadlali ukuthi bangatholi ngisho umlando ngokudlalela izwe labo. Nakuba sisazoqhubeka nokudedela abadlali uma befuneka eqenjini lesizwe kodwa iSafa kufanele isihlangabeze ngokuthi uma sebededelwe bangabukelwa phansi,” kusho uMotaung.
Lokhu kunanelwe yinkulumo kaGeorge Comitis oyisikhulu esiphezulu se-Ajax enkulumweni abe nayo ne Solezwe lapho eveze khona ukuthi yize ebengeke akuvimbe ukulimala kwabadlali kodwa iSafa yenze iphutha ngokwehlisa izinga lale midlalo.
“Ukulimala kwabadlali bethu akusho ukuthi ngeke besaya phesheya uma sebeluleme kodwa kusiphathe kabi ukuthi sidedele abadlali singaphoqiwe kodwa iSafa ikhombise ukungabethembi ngokwehlisa izinga lemidlalo. Kusemqoka ukuthi kuhlalwe phansi ikhulunywe le nto ukugwema isimo esifanayo ngokuzayo,” kusho uComitis owethembise ukuthi basazoza-nyelwa elinye ithuba ku-Ajax Amsterdam oMokeke no-Allie.