Whats For Dinner

Sithanda Okwasekhaya: Amanqina eNkomo esintu ehla esiphundu

Partnered Content|Published

Amanqina enkomo

Ingabe uhalela ukudla kwesintu kwaseMzansi okuletha injabulo nokungaphelelwa yisikhathi?

Zama iresiphu yamanqina enambitheka kamnandi eyenziwe ngamanqina enkomo kanye nezinye izithako ezinhlanu.

Kudingeka isineke uma upheka lesi sidlo esinconsisa amathe esiyintandokazi eNingizimu Afrika, ngoba amanqina enkomo kudingeka aphekwe isikhathi eside emlilweni ongavuthi kakhulu ukuze athambe tobo axebuke ethanjeni okuyikho okwenza abe mnandi kakhulu. Kunamanqina anhlobonhlobo eNingizimu Afrika, anamaresiphu avame ukudlulwa kuzizukulwane nezizukulwane zabapheki.

Kuresiphu yethu yeSithanda Okwasekhaya ku-whatsfodinner, sigcine izinto zilula, ngokuhlanganisa amanqina enkomo nama-Knorrox beef stock cubes ne-cayenne pepper ukuze abe mnandi kakhulu.

Ukudla kuyinto emnandi esiyithandayo njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika, futhi kungenye yezinto esizithokozelayo ezisihlanganisayo. Zama into entsha futhi uhlole ukudla okumnandi nezindaba ngokudla okuyigugu kwaseNingizmu Afrika ku-https://bit.ly/3jf2Qkv

Amanqina eNkomo

Iphakelwe abantu abayi-6.

Izithako

1kg wamanqina enkomo

1.5ℓ wamanzi

Ama-Knorrox beef stock cubes ama-2

u-anyanisi omaphakathi ngobukhulu o-1, oqotshiwe

utamatisi ovuthiwe o-1, ohlutshiwe bese wagrethwa

5ml (ithispuni eli-1) e-Robertsons Cayenne Pepper

Indlelakwenza

Geza amanqina Thela amanzi ebhodweni, bese ufake amanqina ageziwe, ama-Knorrox cubes, u-anyanisi, utamatisi ne-Robertsons Cayenne Pepper. Bilisa esitofini.

Vala ibhodwe bese upheke ngokubilisa, ngomlilo omncane, isikhathi esicishe sibe ngamahora ama-3, noma aze avuthwe.

Phaka nepapa nemifino oyithandayo.

Klala izinga lamaphuzu futhi ubuyekeze le risiphi yaManqina eNkomo ku-https://bit.ly/2XM9AOu