Izindaba

Badidekile bethola kwiFacebook ngokubulawa kowomndeni

Nkosikhona Cele|Published

OSHONILE, uMnuz Erasmus Dladla

Image: SITHUNYELWE

UDIDEKILE umndeni wowesilisa othi uqale ngokuthola umyalezo obuvela kumuntu ongamazi kwiFacebook, obubazisa ngokubulawa kwendodana yawo.

UMnuz Nhlakanipho Ngcongo uthe bathole ngomyalezo kwiFacebook ngeSonto, obuvela kumuntu ongaziwa ngokubulawa kukamfowabo, uMnuz Ntuthuthuko Erasmus Dladla (36).

Utshele Isolezwe ukuthi umfowabo bebemgcine ephumile kukhona lapho ebekade ephuthuma khona.

Uthe umufi ubekade ehlala eSea View, eThekwini. Uthe ngokuhamba kosuku bathole umyalezo obubatshela ukuthi mabaphuthume emakhazeni ngoba lo muntu abamlindele, ngeke esabuya ngoba akasekho emhlabeni.

"Saya kombheka emakhazeni kahulumeni asePinetown, safica isidumbu sakhe. Ibuhlungu kakhulu indlela abulawe ngayo. Emqaleni bekunocingo, kuthi emzimbeni wakhe wonke ubulimele, kubonakala ukuthi washawa ngaphambi kokuba abulawe,'' usho kanje.

Uthe bakhathazekile ngokuthi yini le engaka edale ukuthi aze abulawe ngesihluku kangaka umuntu abamazi elunge kangaka. 

Leli phephandaba linayo imiyalezo ebibhalwe ngothile kwiFacebook, lapho abesho khona ukuthi umbulale ngephutha umufi.

Umyalezo wokuqala otholwe umfowabo kamufi ufundeka kanje: "Lo mfowethu onomzimba one-afroo futhi mfishane, ngesikhathi efa ubememeza uShembe, mina angimazi. Hambani nimfune amakhazeni niphinde niye nasesiteshini samaphoyisa saseBrighton Beach.''

Uma uqhubeka uthi: ''Akusilona ihlaya leli angidlali, phuthumani ngempela nitshele nabantu abadala. Ushone namuhla ekuseni futhi akekho omaziyo nami sengishaywa unembeza. Ngifisa ukuthi nina okungenani nazi ukuthi ungakephi umzimba wakhe.''

Uqhubeka uthi: "Mfethu ngimbulele ubafo, ngiyaxolisa, ngiyazisola bengithi ngibulala isigebengu kanti ngibulala inceku kaNkulunkulu."

'Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukubulawa kukamufi.

Uthe amaphoyisa aseBrighton Beach, aphenya icala lokubulawa kowesilisa esigamekweni esenzeke ku-Edwin Swales. Uthe kusolakala ukuthi umufi ubulawe ngumuntu ongaziwa.