Zibuse Mlaba
Image: SIGCINIWE
IZINKINGA zemali kungenzeka ziphazamise ukulalelwa kwesicelo sebheyili kaMnuz Mzamo Mlaba, osolwa ngecala lokwakha itulo lokubulala owayeyiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Zibuse Mlaba namuhla.
UMzamo, oyisihlobo sikaZibuse, owayephinde abe yibamba bukhosi lesizwe sakwaMlaba, KwaXimba, ngaseCamperdown, kuthiwa waqasha izinkabi ukuthi zidubule zibulale umufi.
Kuthiwa yena uMzamo wabe esebekwa icala lokudubula abulale eyodwa yalezo zinkabi, uMnuz Mncedisi Gwala.
Ngokwesicelo sikaFortune Dlamini, ongomunye wezinkabi ezazithunywe wuMzamo ukuthi ziyombulalela umfowabo uZibuse, wakhokha uR130 000.
Kulesi sicelo uDlamini udalule ukuthi emva kokuba bembulele uZibuse ngo-Okthoba 21, 2021, uMzamo wabe esemyalela ukuba yena (uDlamini) ahlele ukubulala uGwala.
Siqhuba sithi kukhona isikhathi lapho emva kokubulawa kukaZibuse, uGwala waboshwa, eboshelwa ukubanjwa nesibhamu esingekho emthethweni.
Sibuye siveze ukuthi babuye bathola nokuthi amaphoyisa aqoqa nobufakazi bolibofuzo endaweni yesigameko (okwabulawa kuyo uZibuse) nokuyilapho ke uMzamo ayalela ukuthi uGwala kufanele abulawe.
UMzamo ufaka isicelo sebheyili ngecala lokubulala uGwala eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Ecaleni lokubulala uZibuse, uMzamo uboshwe noMthobisi Dubazana noNhlanhla Hlongwa, izinkabi okuthiwa wazithumela.
Kuleli cala elalihleli eNkantolo yeMantshi yaseCamperdown, wavele wasilaxaza isicelo sebheyili, icala lakhe ladluliselwa eNkantolo yesiFunda saseCamperdown.
Izolo ekuseni, isicelo sebheyili sikaMzamo asibange sisaqhubeka njengoba bekulindelwe.
Umshushisi woMbuso u-Advocate Sanele Ntombela utshele inkantolo ukuthi bayitholile incwadi efungelwe kaMzamo, kubameli bakhe ngoMsombuluko, beyithumela nge-email.
Kuvele ukuthi nakuba kunjalo, abakwazanga ukuyivula kwaze kwashaya uLwesibili.
“Umphenyi wecala uchithe isikhathi efunda incwadi efungelwe, wathi udinga ukuqinisekisa izinto ezimbalwa eminyangweni,” usho kanje.
UNtombela uphinde wathi kudingeka ukuthi uMbuso uphendule encwadini efungelwe, kufanele lokhu kwenzeke ngoLwesithathu noma ngoLwesine ekuseni ungakashayi u-7 ekuseni.
Ummeli kaMzamo, u-Advocate Van Schalkwyk SC, utshele inkantolo ukuthi bathe ukukubambezela ukubiza icala enkantolo ngoba incwadi efungelwe bekufanele ayisayine uMzamo, futhi bebesaxoxisana naye.
“Kube khona ushintsho encwadini efungelwe, ngimazisile uzakwethu ngalokhu," etshela inkantolo.
UVan Schalkwyk uthe bayathemba ukuthi konke okubalulekile kuzophothulwa namuhla futhi bazonikezela ngokusemthethweni izincwadi ezifungelwe ezingamaphepha ngesandla enkantolo.
Zombili izinhlangothi, oloMbuso nolwabameli zenze isicelo sokuthi icala lihlehliselwe usuku lwanamuhla kuze kuqale ukulalelwa kwesicelo sebheyili.
Kuthe inkantolo isathi ufuna ukuphendula, uMzamo wabonakala ephakamisa isandla, wathi ufuna ukusho okuthile. UVan Schalkwyk usukume masinyane waya kuye, ehambisana nommeli asebenzisana naye u-Arvina Harrichran.
Emva kwalokho, uVan Schalkwyk ekhuluma nenkantolo uthe: “Ukuma kwethu kungenzeka kuphazamiseke ngenxa yemali kodwa sizoqhubeka kusasa (esho namuhla) udaba.”
Ngesikhathi inkantolo iliguqisa icala, uMzamo ubengasakwazi nokulinda ukuthi ahambe. Uze wabuza ephoyiseni ukuthi usengahamba yini.
Related Topics: