Izindaba

Uthi uyokhohlwa efile owaseCongo ovinjwe esibhedlela

Intatheli Yesolezwe Ngempelasonto|Published

IZAKHAMUZI zase- Atteridgeville, ezizibiza ngeConcerned Tshwane Residents, zibhikisha ngaphandle kwesibhedlela iKalafong Provincial Tertiary Hospital, zifuna kuvinjwe abantu bangaphandle abangenamvumo okuba kuleli ukuba alashwe

Image: SIGCINIWE

UMSINDO oqhubekayo ngokuvinjwa kwabantu bangaphandle abangenamvumo ukuba bathole ukwelashwa ezikhungweni zezempilo eNingizimu Afrika usaqhubeka njengoba umlisa waseCongo ehlangabezane nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili esibhedlela saseThekwini, kuleli sonto.

UMnuz Christian Tchizungu Kwigoma uthe ubeyofuna ukwelashwa esibhedlela i-Addington wavinjwa ukuba angene kulesi sibhedlela. UKwigoma akanqandwanga ngonogada basesibhedlela kodwa uvinjwe ngamalungu aziqokile enhlangano iMarch on March Movement, aphume umkhankaso wokuxosha bonke abantu bakwamanye amazwe abangenamaphepha okuba kuleli.

Leli qeqebana likubeke emahlombe alo ukuthi liqapha ukungena kweziguli esibhedlela ngokuthi lifune ukubona ukuthi lowo muntu unemvumo yini yokuba kuleli, uma engenayo, bamkhomba indlela ebheke lapho eqhamuka khona. Umyalezo waleli qeqebana ucace bha: "Izikhungo zezempilo zomphakathi ngezabantu bakuleli abazoveza amapasi kuphela. UKwigomba uthe uyoyizekela amagwababa echobana ahlangabezane nakho .

"Ngihlukumezeke ngendlela engingayifiseli omunye umuntu. Ngisho nabesifazane abakhulelwe bayajikiswa. Kuphakathi kokufa nokuphila." Uthe impilo yakhe ibekwe engcupheni njengoba isifo sakhe sikashukela sidinga imishanguzo. "Sengilindele ukufa."

UTeresa Nortie ongusihlalo weMarch on March Movement, usivikele isenzo sozakwabo ngokuthi athi sekunenqwaba yabantu bangaphandle abafuhleleka kuleli benganazimvumo zokuba lapha. "Izibhedlela zakuleli ngezabantu bakuleli abakhokha intela."

Ube esecaphuna uMthethosisekelo wakuleli kodwa omphikisayo kusigaba 27 njengoba uqinisekisa ukuthi izikhungo zezempilo zifanele ukusiza wonke umuntu okuleli lizwe, ngisho nabangaphandle imbala. Ngesonto eledlule, kubonakale kuma-video, leli qeqebana likhipha ngoshova isishoshovu esineminyaka engu-77, uCrispin Hemson ngoba sinqabe ukuveza umazisi waso. UMphathiswa wezeMpilo kulesi sifundazwe, uNomagugu Simelane-Mngadi, usigxeke kakhulu isenzo saleli qeqebana, wathi abakwenzile akukho emthethweni futhi akekho umuntu onelungelo lokuvimba abantu abazofuna usizo lwempilo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uFoster Mohale, unxuse ukuba konke okwenziwayo kuhambisane nomthetho. Ugcizelele ukuthi ukubeka engcupheni impilo yabantu ngokwephula uMthethosisekelo akwamukelekile. Sekujutshwe amaphoyisa nabasemnyangweni wezempilo ukuba bayonkanisa ezikhungweni zezempilo ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyagcinwa uma kunemibhikisho.

Okhulumela uhulumeni osabambile, uNomonde Mnukwa, uthe akwamukelekile ukuthatha umthetho esandleni futhi kubukela phansi amalungelo entandoyeningi.