Izindaba

Siyalwamukela uphenyo lwamaphoyisa - Sibongiseni Dhlomo

Zimbili Vilakazi|Published

USIHLALO wekomiti lezeMpilo ePhalamende, uMnuz Sibongiseni Dhlomo exoxa nabakwaNduli, lapho okuzalwa khona umufi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini

Image: ZIMBILI VILAKAZI

USIHLALO wekomiti lezeMpilo ePhalamende, uMnuz Sibongiseni Dhlomo, uthe balwamukela ngezandla zombili uphenyo lwamaphoyisa oluholele ekutheni kugcine kuboshwa indodana kamfowabo ngecala lokubulala unkosikazi.

Umufi, uNkk Khanyisile Dhlomo, watholwa edindilizile emzini wabo oseMalvern, eThekwini, ngoSepthemba 2022. 

Ngaleso sikhathi umyeni wakhe okuthiwa wayekhona ekhaya, uMnuz Khayelihle Dhlomo (53), watshela umndeni namaphoyisa ukuthi umufi uzibulele ngoba ubehlushwa yinkinga yokhwantalala.

Umsolwa ugcine eboshwa ngeSonto eledlule ngaleli cala, idokodo lokufa komuntu  elalivulwe amaphoyisa emva kwesigameko lashintshwa laba yicala lokubulala.

Umsolwa ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo, kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.

Phakathi kwabebezothamela icala bekukhona amalungu omndeni wakwaDhlomo, okubandakanya  uDhlomo (Sibongiseni), abomndeni wakwaNduli lapho kuzalwa khona umufi, amalungu ambalwa e-ANC nabanye.

Umsolwa ugcine engasifakanga isicelo sebheyili njengoba kuvele ukuthi kukhona imininingwane yebheyili esaqinisekiswa ngaphambi kokuthi avunyelwe ukufaka isicelo sakhe. Inkantolo igcine ilihlehlisela uLwesibili oluzayo icala ukuze afake isicelo sakhe.

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uDhlomo uthe bayabonga ukuthi udaba seluhambe lwaze lwafika enkantolo.

“KwakunguSepthemba 2022 ngesikhathi kudlula uKhanyi. Kwasithusa futhi kwasidida (ukufa kwakhe). Safisa ukuthi ngelinye ilanga kube khona iqiniso eliyovela. Sengathi kuya ngakhona ke manje ukuthi livele iqiniso,” kusho uDhlomo.

Uthe yayilokhu ishiya imibuzo indaba yokuthi umufi wafa ngokuzibulala.

“Sasilokhu sizibuza ukuthi ungazibulala kodwa ube manxebanxeba? Ibingezwakali indaba yokuthi kungathiwa umuntu uzibulele kodwa bese eba nenqwaba yamanxeba. Bekulokhu kusidida singumndeni ngoba nozidubulile uba nenxeba elilodwa,” kusho uDhlomo.

Nokho uDhlomo uthe njengoba amaphoyisa egcine ebopha umshana wakhe, kubanika ukuthi abahlale bazinze, balalele iqiniso ngesigameko.

“Bekulokhu kusihlupha ukuthi bese kungaphela nje kanjalo kuthiwa wazibulala. Asikakalizwa ke iqniso njengoba kuseyima kusazoqalwa ngesicelo sebheyili,” usho kanje. 

Ebuzwa ukuthi ubukhona yini umlando wokuhlukumeza abewazi phakathi kwabebeganene, uDhlomo uthe ubekujana nabo futhi bemhlonipha, ubengenalo ulwazi lomlando wodlame phakathi kwabo.

“Asilinde ukuzwa ukuthi abekho yini abanye bomndeni abazoqhamuka enkantolo bacacise ukuthi kukhona yini okunjalo abakwaziyo,” kusho uDhlomo.