ABANYE bosomabhizinisi abahlomule ngezinsiza kusebenza kumasipala iBig 5 KwaHlabisa
Image: SITHUNYELWE
ABESIFAZANE abahlomule ngezinsiza zokuqhuba amabhizinisi abo ehlukene eHluhluwe bathi babona kuyithuba labo eliyingqayizivele lokuqala kabusha empilweni ngemuva kokuqeda isikole imisebenzi bengayitholi.
Lokhu kuvezwe uNksz Sabelo Shobede (34) waseHluhluwe ngemuva kokuba inhlangano yabo abenza ngayo ibhizinisi okuyiHluhluwe Cooperative ihlomule ngezitofu zokupheka, itende elinezihlalo eziyisithupha nemishini yokugunda utshani.
"Empeleni siyisithupha kule nhlangano yethu. Abesilisa abathathu nabesifazane abathathu. Sixubile ngokobulili ngenxa yokuthi injongo yethu kwezamabhizinisi iyodwa. Ebesikade sikuzama ukuthola imisebenzi njengoba sesaqeda isikole kodwa bekungavumi lutho. Yingakho sigcine sihlangana saqala inhlangano yokungena kwezamabhizinisi ukuze sizithuthukise," usho kanje.
Uqhube wathi abakwenza kwaba ukufaka isicelo kwamasipala ngesikhathi bebikelwa ikhansela labo lakuward 6 ukuthi kunethuba elivulekile okungamele baliyeke ngoba bebengabantu abesebeqalile ukuzama.
Uthe baqale ngonyaka odlule ukuzizamela imali bengazi ukuthi bazoba nale nhlanhla yokuba bathole uxhaso olufana nalolu kumasipala wabo iBig Five Hlabisa engaphansi koMkhanyakude.
Lo masipala usendaweni yasemakhaya engenazo izimboni ezidala amathuba emisebenzi kubantu.Kunalokho abantu bathembela ezitolo ezisedolobheni nazo okuthiwa aziqashi. Inkinga ukuthi baningi kakhulu ababheke kuzo umsebenzi.
IMeya yaseBig 5, uMnuz Comfort Khumalo uthe kuseqhulwini kubona ukwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bayabalekelela abesifazane abanentshisekelo enkulu yokungena kwezamabhizinisi.
''NjengoMasipala siyazama ukuthi sisize osomabhizinisi abancane kanye namanye amalungu omphakathi afuna ukuqala amabhizinisi. Lokhu sikholwa ukuthi kuzobalekelela kakhulu ekutheni bakwazi ukuthi baxoshe ikati eziko, '' kusho iMeya.
Iveze ukuthi baningi abesifazane abaye bafise ukungena emabhizinisini kodwa bahlangabezane nengwadla yokuthi abazi ukuthi ubani ongabalekelela ngezinsizakusebanza zokuthi baqale ibhizinisi. Yengeze njengoba indawo yakwaHlabisa isemakhaya kungumsebenzi wabo ukuvulela abantu bakhona amathuba okusebenza.
Igcizelele yathi kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi laba abathola izinsiza ngokuhamba kwesikhathi bazobonakala bedlondlobala ngokuhamba kwesikhathi.
Related Topics: